UMankini Mgenge Ushawe Ngesithende Ezinhlelweni Ze Vuma FM
NgoLwesibili iVuma FM ikhiphe uhlu lwezinhlelo zayo ezintsha zaphakathi nesonto lapho kubonakale lingaveli igama likaMankini Mgenge owenza uhlelo lwasemini i-Crush No Lova no-Vanessa Marawa phakathi kwehora leshumi nambili nelesithathu ntambama. Loluhlu alunalo ushintsho olukhulu ngaphandle kokuthi uhlelo lwasemini seluzokwenziwa u-Vanessa yedwa futhi seluzobizwa nge-Crush Yolova with Vanessa.
Kuleli sonto uMankini uke wezwakala ebambele uzakwabo uPhumlani Nkwanyana ohlelweni i-Mega Grace Hour olungena phakathi nesonto ngehora lesihlanu kuya kwelethupha ekuseni.
Uke walwenza noThandolwethu uhlelo lwasemini lusabizwa ngokuthi i-Siyavuma. Emuva kokuhamba kukaThandolwethu iVuma FM ilande u-Vanessa Marawa ongene kulolu hlelo lwashisa izikhotha. Obekwenza lolu hlelo luthokozeleke emini ukuthi beluthinta kakhulu izihloko ezithinta inhlalo yemindeni, ezomphakathi kanye nengosi ehlaziya izindaba zepolitiki ezisematheni ebivame ukwenziwa intatheli esimnkantshubomvu uSihle Mavuso nabanye abahlaziyi.
NgoNhlolanja nonyaka kusuke omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi uMankini egxeka umsakazi othula ibhola lezinyawo ngesiZulu ku-Supersport u-Reggie ‘Mapensela’ Ndlovu. UMankini ubhale ekhasini lakhe ku-Facebook egxeka indlela asakaza ngayo uMapensela, ethi ibulala ezokusakaza.
Ugxekwe kakhulu abalandeli bakaMapensela kanye nozakwabo kuVuma FM. Ingcindezi ayithole kubantu abehlukene abanye abayizazi zolimi lwesiZulu kanye nabasakazi bebhola igcine imphoqa ukuthi axolise ngenkulumo yakhe.