Imibono

Kungafundwa Lukhulu Ngoginqigonqo Wempilo Ka Ngizwe Mchunu

Kulempelasonto esiphuma kuyona kubonakale owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu etetemuka ngonyanyavu lwemoto yakwa -JAC Richards Bay. Kuzokhumbuleka ukuthi uMchunu usanda kuphucwa imoto yigaraji layo lenkampani kwigantsha lase-Portshepston. Lokhu kwenzeke ngoZibandela 2023 emuva kokuba eshiye angalazi ngomholi we-EFF uMnuz. Julius Malema.

Sekucacele noma ubani ukuthi uMchunu ungumafavuke njengedwangabane. Akukho okungaqeda ngempilo yakhe ngoba akaliphonsi ithawula, uyisiqonqwane.

Le ncushe esanda kugcotshwa njengenduna yamabhinca ike yasolwa ngokungakwazi ukuqoqa ulimi lwayo mayikhuluma nokuba uvovo liyakhipha okungahlali lutho esifubeni sakhe.

Lokhu kumdonsele amanzi ngomsele ngo-2018 esasebenza emsakazweni wesiZulu Ukhozi FM. Lomsakazo umxoshile umsola ngokukhipha izindaba eziyimfihlo zangaphakathi.

Kuthe ngo-2021 igama likaMchunu kwakhulunywa ngalo kakhulu njengoba ubesolwa abomthetho ngokubhebhezela abantu ukuthi betape ngesikhathi sezibhelu ezazimandla kwaZulu-Natali nase Gauteng. Lolo cala uphume phambili kulo. Okwagqamayo ngesikhathi liqhubeka leli cala ukuthi uMchunu ubebuye azikhulumele yena nemantshi ebilihlalele.

Impilo yokuba umuntu owenza umathanda nokhuluna noma yini iyabadina abaningi kodwa kubukeka sengathi uNgizwe uhlabana ngakho lokho. Uwumuntu okhuluma ngokungasabi nangokuzethamba nokuyikhona okwenza abantu behlale njalo befuna ukumuzwa ekhuluma.

Empilweni kuyafuneka ukuba ungabi nalo uvalo futhi ukugxekwa abantu kungakuqedi amandla ngalokhu okufisayo ngempilo yakho. Abanye abantu bavelela ngazo lezinto abathukwa nabagxekwa ngazo.

Impilo kaMchunu kungafundwa okuningi kuyona. Ukuzimelela kwakhe engashoni phansi nakuba izimo zempilo zimshovela emuva kukhomba ukuba yisiphikeleli esiyiqhawe. Lapha kuMKHAYA sifisa babe baningi oNgizwe Mchunu.

Kuzothi ngomhlaka-30 Ndasa uMchunu agubhe usuku lwakhe lokuzalwa e-Zero DB Lounge eNquthu, kungenwa ngo R100 (general) kube u-R150 (VIP).

Umhleli

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.