ULasizwe Uphika Eyokuthi Udayise Imoto Ngenxa Yendlala
Unontandabukwa ogqame ezinkundleni zokuxhumana uLasizwe usetshele abalandeli bakhe ukuthi kumele bakwejwayele ukuthi ayikho into embi ngokudayisa imoto. Usho njalo emuva kokuthi i-blog ebizwa nge-Maphepha Ndaba ibisisabalise amahlebezi okuthi udayise imoto yakhe kanokusho i-Range Rover ngo-R1 149 950.00 ngoba sekubheda futhi ubesehlulwa nawukuyikhokhela. Lemoto egcine ithengiwe ngoLwesithathu ibidayiswa kusizindalwembu sakwa-Auto Trader.
Ubhale ekhasini lakhe laku-Instagram ngesonto eledlule wathi: “Hamba kahle Black Rover, Sthandwa Sami…Angazi noma usuthengiwe yini kodwa ngithemba ukuthi umnikazi wakho omusha uzokuphatha kahle njengoba bengenza…ngiyabonga, ngiyakuthanda, uhambe kahle. Okunye lombhalo ngiwufakele ukuthi kwaziwe ayikho embi ngokudayisa imoto. Empilweni kuhlale kunezinhlelo”, kusho uLasizwe.
Losaziwayo obuye ethule izinhlelo kumabonakude uthi bekungelula ukuhlukana nemoto yakhe ayithandayo kodwa akumayelana nokulamba, kufike isikhathi. Uthe isidayisiwe imoto kodwa uzohlale eyikhumbula ngendlela abebephathene kahle ngayo.
Uthole induduzo kubalandeli bakhe, omunye uthe: “Empilweni kwenzeka yini, ngifisa mase kukhona okwenzekayo wazi ukuthi usengathola okunye okukhulu njengoba bekuvele kwenzeka. Ngiyaziqhenya ngawe”. Omunye uthe: “Kulemiyaka yakhe, usezuze okuningi. Ufikelwe isiwombe nje, usazobuya”.
ULasizwe uke wethula uhlelo obelubizwa ngokuthi Lasizwe: Fake It Until You Make It obeludlala ku-MTV Africa kanti naku-YouTube uyabonakala enza ama-video. Uke wanqoba umncintiswano waku-eTV i-The Perfect Picture S2 obudlalwa osaziwayo abayishumi. Kulo mncintiswano labosaziwayo bebenikwa ithuba lokushutha izithombe bese kuqokwa onezithombe ezinhle kusiqephu ngasinye somdlalo nokugcine kunqoba yena uLasizwe wahlabana ngo-R100 000 owukheshi, nemishini yokushutha yakwa-Canon ebiza R150 000.
Ngonhlangulana 2022, uke wakleliswa ebhukwini elidume ngokubhala ngosaziwayo nezimpunyela emhlabeni lapho ekleliswe nabanye osaziwayo abangamashumi amathathu abaneminyaka engamashumi amathathu abahamba phambili emhlabeni wonke.