U-Penny Ntuli Uthi Ulishiya Impela IGagasi FM Ngoba Limthatha Kancane
Useze wabhoboka ngamahemuhemu abesesabalele okuthi ushiya iGagasi FM, u-Penny Ntuli ongaconsi phansi kubalaleli balomsakazo owenza inzuzo KwaZulu-Natali. U-Penny uthe ubone kungcono ukuthi akhulume ngokuphuma kwakhe emsakazweni awuthandayo ngenxa yokuthi ukuthula kwenza igama lakhe liqhubeke nokungcola.
Lentandokazi yabalaleli yenza uhlelo lwangempelasonto i-CTM Urban Top 40 no-DJ Heavy phakathi kwehora lesishiyagalolunye ekuseni nelokuqala ntambama njalo ngoMgqibelo.
Ufike kulo msakazo ngoNdasa 2022 ezokwenza uhlelo oluthi Ziyakhala emuva kokuba enze i-video eziqophile esakaza ethi uyazi ukuthi iGagasi FM alikaze lithi lifuna umsakazi kodwa le-video ayenzayo uyafesa ngayo.
Nebala isiteshi sathatheka ngekhono lakhe, ukusuka lapho impilo yakhe iqale ukuvelela kuze kube manje. Usesize abantu abaningi ukubathuthukisa esebenzisa amandla akhe okuba semsakazweni nokulandelwa zinkumbi zabantu ezinkundleni zokuxhumana.
Echaza ngokushiya kwakhe ekhasini lika-Facebook uthe: “Ukuqinisekisa amahemuhemu yebo ngiyashiya emsebenzini. Bese kuyisikhathi sokusayisana kabusha izinkontileka zomsebenzi kanti nginikiwe nethuba lokuqhubeka nokusebenza esiteshini.
“Ngilwamukele uhlelo olusha, iyodwa nje into engixakile okuwumholo ka-R2800 engizonikwa wona njalo ngenyanga. Umholo ongashiyani nebengiwuthola eminyakeni emabili edlule”, kuchaza u-Penny.
Uqhubeke wathi uzizwe edelelekile kodwa wehlisa umoya wabuyela kubaphathi bakhe ngenhloso yokuthi kebethi ukuwubuyekeza lomholo. Abekhala ngakho kakhulu ukuthi kubo babheke yena nokuthi asikho isitolo esingamenzela isikweletu uma eveza i-payslip yasemsebenzini.
“Bengingalwi. Umphathi wami u-Ayanda Melansi uthe angithole enye into engingayenza kunokuba semsakazweni . Lokho nje kuvele kwaqeda nya ukuzethemba kimi.
“Ngibe sengithatha isinqumo sokuthi bengabe besayivuselela inkontileka yami kulonyaka. Angiyekanga ngoba kukhona okungcono esengikutholile. Angiyekanga ngoba ngingasathandi, umuntu ongaziyo mina uyazi ukuthi ngikuthanda kanjani ukusakaza futhi ngilithanda kanjani iGagasi FM kodwa iqiniso ukuthi angibuyeli kulonyaka. Yize kunjalo ngiyabonga kakhulu kwiGagasi FM ngethuba”, kuphetha u-Penny.
UMKHAYA uzamile ukuthola okhulumela iGagasi FM uMnuz. Khulekani Shandu kwathiwa akekho emsebenzini. Ngesonto eledlule ngesikhathi kuvela izindaba zokushiya kuka-Penny utshele intatheli yephephandaba elibhala ngesiZulu ukuthi ngeke aphawule ngalendaba ngoba kusazomenyezelwa ngokusemthethweni abasakazi ababuyayo nabangabuyi nezinhlelo ezintsha zeGagasi FM.