EZEMIDLALOIzindaba

U-Robinho Owagqama Ku-Brazil Uphezu Kwamasu Okubalekela Ijele

Abameli baka-Robinho oke wagijima ku-Manchester City naku-Real Madrid kuthe ngoLwesine bafaka isicelo sokubambezela ukuqala isigwebo sakhe seminyaka eyisishiyagalolunye (9) ku-Supreme Court yase-Brazil ukuze bebe nesikhathi esanele sokulungisa amaphepha okwedlulisa icala. Lo mdlali oneminyaka engamashumi amane (40) wagwetsha inkantolo yase-Italy ngo-2013 ngecala lokunukubeza owesifazane ehlangene nabangani bakhe endaweni yokuzijuxuza edolobheni laseMilan ngesikhathi esadlala ku-AC Milan.

U-Robinho ugwetshwe okokuqala inkantolo yase-Italy ngo-2017, waledlulisa icala. Emuva kwalokho ubuyele ezweni lakhe i-Brazil kanti inkantolo yokwedlulisa amacala yase-Italy izovuna isinqumo senkantolo yokuqala sokuthi agqunywe ejele iminyaka eyisi-9.

Imithetho yase-Brazil ayikuvumeli ukuba izakhamizi zakhona ziyiswe emazweni ezenze kuwona amacala ngenhloso yokuthamela izinkantolo nokuqala izigwebo okuphoqe ukuba umnyango wezobulungiswa ngokumelwa ihhovisi labashushisi e-Italy ufake isicelo kuziphathimandla zamaphoyisa e-Brazil ukuthi u-Robinho asiqale khona ezweni lakhe isigwebo sakhe.

Kuthe ngoLwesithathu emuva kokucubungula isicelo se-Italy amajaji ase-Brazil ayisi-9 ehlula amabili (2) avumelana naso isicelo e-Italy, lamlahla kanjalo u-Robinho.

Nakhu-ke ngoLwesine abameli bakhe sebefaka isicelo e-Supreme Court ngenhloso yokubambezela ukuba aqale isigwebo lomdlali oke wadlala no-Zinedine Zidane no David Beckham ku-Real Madrid ngaphambi kokulibangisa ku-Manchester City.

Akuqali ukuthi u-Robinho abe secaleni lokunukubeza abesifazane njengoba kuthe ngo-2009 waboshwa emuva kokuba intombazanyana esencane yamvulela lokunubukezwa uye esiteshini samaphoyisa e-England. Nokho waphunyuka emuva kokuba uphenyo lwamaphoyisa lungatholanga ubufakazi obuqanda ikhanda ngalesigameko.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.