EzosaziwayoIzindaba

Umethuli Wezinhlelo Ku-TV Wehliswe Ngoshova Ebhanoyini Seliduma Ngenxa Yobuhlaza

Kube ububhudubhudu amaphoyisa ezama ukududula umethuli wezinhlelo ku-MTV Base uShamiso Mosaka obegoloza ukwehla endizeni ebisuka e-King Shaka Airport eThekwini iya eGoli ngeSonto. Kuthiwa lendiza ibambezeleke ngemizuzu engamashumi ayisishiyagalolunye (90) yonke ngenxa kaMosaka obengabambeki.

Okuqhathe uMosaka nabasebenzi bakulendiza yakwa-CemAir ukwala ukulandela imibandela yezokuphepha ebekelwe abagibeli. Kuthiwa kuphoqeleke ukuthi kucishwe indiza ebisiduma ngoba ubegoloza impela ukulandela lemithetho abetshelwa ngayo ngaphezu kwalokho ubevulela emlonyeni.

Kune-video yaso lesigameko ebesenzeka esikhumulweni sezindiza eThekwini esabalele ezinkundleni zokuxhumana. Naye uMosaka uyifakile ekhasini lakhe le-Instagram. Abantu abaningi abaphawulile kule-video baseka yena uMosaka njengoba sekugqame nokuthi ucwaswa ngokwebala. Kule-Video esabalele yonke indawo kuvela uMosaka encengwa amaphoyisa ukuthi ehle kulendiza okungenani uzoqashelwa enye kodwa ubonakala ala. Ubonakala echazela amaphoyisa nabanye abagibeli ukuthi ayikho yonke lento okuthiwa uyenzile nokubukeka sengathi bayamzwela laba abachazelayo.

Kuyona le-video uMosaka usechazela ababukelayo ukuthi uyabona konke lokhu okwenzeka kulendiza kugqugquzelwa ukucwasa njengoba abasebenzi bengazange bamtshele ukuthi yini engalungile ayenzile.

Isikhulu esiphezulu kwa-CemAir u-Laura van der Molen uthe akucwaswangwa muntu lana. “UMosaka unqabike ukulandela imibandela yezokuphepha endizeni elandellwa yibo bonke abagibeli okuphoqe ukuthi akhishwe ngenkani kuyona”, kusho u-van der Molen. Lesikhulu sithe amaphoyisa e-SAPS azisiwe ngalesigameko afika alekelela nawo kanti udaba lonke azobhekana nalo ngokulandela umthetho.

“Sizosebenzisana nawo amaphoyisa futhi sizowanikeza konke akufunayo ophenyweni lawo”, kuphetha u-van der Molen.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.