Ufuna Abesifazane Bazishelele Kwabesilisa Owe-Skeem Saam
Umlingisi womdlalo oboniswa ku-SABC 1 i-Skeem Saam, u-Innocent Sadiki ukholwa ukuthi akukho okubi uma abesifazane bevulela abesilisa isifuba ngendlela abazizwa ngayo ngabo. Lo mlingisi odlala indawo kaSthoko ubekhuluma nentatheli ye-Sunday World echaza ukufana kwendawo ayidlalayo kulomdlalo odlala phakathi nezinsuku kanye nempilo yakhe yangempela.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSthoko usanda kuphuma ebudlelwaneni bomshado noDennis ababendodana naye u-Clement. Muva nje usemathandweni njengoba esanda kuqala obunye ubudlelwane nowesilisa oyiphoyisa e-Turfloop u-Enos Babiele.
U-Innocent uchaze impilo kaSthoko njengeyisibonelo esihle futhi okungafundwa kuyona empilweni yangempela. “Cabanga umuntu oke wangasebenza isikhathi eside kodwa ahlanganise agcine esewuthisha, nokwaba into enkulu kakhulu kuyena. Enye yezinto abezifisa kakhulu uSthoko ukuthola umaqondana ongeke ahluke kakhulu kulokhu ayikho naye ngokukhuthala kakwenzayo nokuzimisela. U-Enos Babiele indoda ekahle kanti ngokukaSthoko yiyo kanye indoda abeyifuna. Empeleni uSthoko usemathandweni”, kusho u-Innocent.
Emdlalweni bobabili u-Babiele noSthoko banezingane esezikhulile abazikhulisayo.
“Sesiside isikhathi uSthoko ebeka phambili abanye abantu manje sekuyisikhathi sokunaka impilo yakhe, athokozele nesikhathi asezithola ekuzona. Okuhle akazange acucuze ukuqonda ngqo entweni afuna ukuyibona yenzeka phakathi kwakhe noBabiele, yize owesilisa waqale washaya indiyandiya”, kulandisa u-Innocent owengeze ngokuthi kubalulekile ukuthi abesifazane bangesabi ukuzidalula kwabesilisa uma bezwa ukuthi banemizwa yabo uma bengabanakile.
“Ngicabanga ukuthi kubalulekile lokho, kanti vele kungani kuwumsebenzi wabesilisa kuphela. Uma ufuna kwenzeke into nomuntu, kungani kufanele ulinde umuntu eze kuwe? “, kubuza u-Innocent.
U-Innocent uke wadlala indawo ka-Mahlatse emdlalweni obudlala ku-Netflix i-The Throne.