EZEMIDLALOEZISEMATHENI

Sekuguqulwe Ngokushesha Isinqumo Sokumisa U-Ria Ledwaba Ebholeni Lakuleli

Isizindalwembu esibika izindaba zebhola lezinyawo i-FarPost sesibike ukuthi i-SAFA isihoxise isinqumo ebisithathile sokumisa owayengumnikazi we-Ria Stars u-Ria Ledwaba. Lesinqumo esidide abaningi siza emuva kokuba ngomhlaka 6 Ndasa uLwedaba ethole incwadi eyayimmisa kuzo zonke izinto ezithinta ibhola ivela esikhulwini esiphezulu se-SAFA.

Ummeli kaLwedaba uMnuz. Leslie Sedibe ekhuluma nabezindaba ngoLwesithathu ntambama ukuqinisekisile ukuthi nebala i-SAFA isisihoxisile isinqumo sokumisa uLwedaba. USedibe utshele izintatheli ebezihlangene eRandburg ukuthi isinqumo sokumisa ikilayenti yakhe sasithathwe ngenhliziyo, ababesithatha babephushwa inzondo. Uthe wonke umuntu okhuluma ngezinto ezingalungile ku-SAFA uyaxoshwa ngaphansi kobuholi buka-Danny Jordaan.

“Ngesikhathi i-SAFA ithatha lesinqumo akubanga yinto enzima kumama u-Ria Ledwaba ukubona ukuthi labantu abathathe lesinqumo esiphambene kanje babehlose ukumcindezela nokuthi indlela nje okwenzeka ngayo ngesikhathi sithathwa akulandelwangwa umthetho wayo i-SAFA”, kusho uSedibe.

Incwadi ethunyelwe yi-SAFA kuLedwaba icacisile ukuthi isinqumo ebisithathe encwadini eyayimbhalele yona ngomhlaka 6 Ndasa isisiguqulile, konke eyayikubhalile akusekho. ULwedaba uyiphendulile i-SAFA wafuna nokuthi ixolise kuye.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.