Abodumo Lwe ‘Podcast and Chill with MacG’ Bavuke Ngohlelo Olusha Ku-SABC 2
Osaziwayo ababili abethula uhlelo lwe-podcast i-Podcast and Chill with MacG , uMcGayver ‘MacG’ Mokwevho no Solomzi Phenduka ozibiza ngelika Sol Phenduka banyelwe inyoni esandleni ngesikhathi benikwa ithuba lokusakaza uhlelo olusha oluzodlala ku-SABC 2 i-Raid The Cage South Africa. Lolu hlelo luthathelwe kolwaseMelika olwethulwa umlingisi u-Damon Wayans Jr nosaziwayo u-Jeannie Mai.
Izindaba zokuthi laba bobabili bazosakaza i-Raid The Cage South Africa zethulwe uNomalanga Shozi ongumlingisi nomsakazi wezinhlelo zomsakazo nomabonakude obephethe uhlelo emcimbini obuseGoli i-SABC Video Entertainment Content Fest’24.
Lolu hlelo luzobe lunengxubevange yemidlalo ezothokozelwa abazobe bencintisana ohlelweni kanye nababukeli emakhaya kanti luzobe lukhiqizwa inkampani ka-Anele Mdoda no Frankie du Toit i-Rose and Oaks Media. USol Phenduka ongamathe nolimi no-MacG uthe abakhiqizi balolu hlelo ngesikhathi befuna abantu abazosakaza i-Raid The Cage South Africa bathe babheka abangani abadala obekungenye yezinto abebezibhekile kubantu abebezokwethula uhlelo. “Akubanga nzima ukuqoka thina ngoba kunenomfi esihlanganisile eyenza kube lula ukusebenza ndawonye”, kusho uPhenduka.
“Ngisho ungasinikeza uhlelo lwasekuseni emsakazweni siyazi ukuthi kunendlela yokwenza kanye namagama okufanele siwakhulume ngaleso sikhathi, siyashelela nje kunoma yini. Esikwenza kwi-podcast singakwazi futhi ukukwenza ohlelweni lukamabonakude”, kusho yena uPhenduka.
Akungabazeki ukuthi laba bazokwazi ukwenza loluhlelo ngendlela abakhiqizi abafuna ngayo futhi bazuze umphumela abawufunayo ngenxa yamava abo ekuphatheni izinhlelo.
Into ezokwenzeka kwezinye iziqephu zalolu hlelo, ukuthi kuzoba nabantu ababili abangabangani abazodlala. Omunye uzongena emgedeni ogcwele zonke izinto ezinhle ongazicabanga. Lapha ngaphandle omunye uzobe ebuzwa imibuzo, uma esayiphendula kahle lemibuzo lona ongaphakathi emgedeni unethuba lokutapa kuze kube ukuthi lona ophendulayo imibuzo aze asho impendulo okungesiyona. Okumnandi ngalomdlalo ukuthi lona osemgedeni uzobe engazi ukuthi unikwe isikhathi esingakanani sokutapa.
“Cabanga ngesikhathi abantu bezitapela ezitolo ngoNtulikazi 2021, kodwa ukube lokho kwenziwa ngokusemthethweni. Osemgedeni angatapa izinto eziningi kodwa konke kuncike ekutheni lona ongaphandle uzophendula kahle yini imibuzo okuzonika otapayo isikhathi eside”, kuncokola uPhenduka ongu-DJ odlala amapuleti emakilabhini aphinde abe umsakazi. Ungene emsakazweni njenge i-intern ku-YFM, emuva kwalokho wajoyina i-5FM esethimbeni lohlelo lwasekuseni i-Fresh at 5 olwalenziwa u-DJ Fresh.
U-MacG ungene kwezikaqedisizungu esemncane ethula izinhlelo zikamabonakude njengoba eke wenza i-Craze ku-eTV ngo-2000 eneminyaka eyishumi nambili (12). Emuva kokuphothula ibanga leshumi uthole umsebenzi ku-YFM eGoli lapho asebenze khona njengomdidiyeli aphinde adlale amapuleti. Ngo-2010 ujoyine umsakazo i-947 lapho asebenze khona iminyaka eyisishiyagalombili (8).