EZISEMATHENI

Kunconywa I-ANC Ngokufaka Izitabane Ohlwini Lwabaya Ephalamende

Izinhlangano ezimele abathandana benobulili obufanayo sezincome i-ANC ngokufaka abantu abaziwayo ngokuba kulobu dlelwane ohlwini lwabaya ephalamende njengoba kuzoba nokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe ngomhlaka-29 Nhlaba nonyaka. Kuthiwa kuyaqala ukuthi lenhlangano ifake abantu ohlwini lwabaya ephalamende abangazifihlile ngalempilo ethathwa njengechilo emiphakathini eminingi.

Phakathi kwamagama abantu abaziwayo ngalempilo kukhona elikaMmapaseka Steve Letsike, Eugene Manana nelika Palomino Jama nabathathwa njengezishoshovu ezilwela amalungelo abathandana benobulili obufanayo.

NgoMasingana 2023, uLetsike ongumqodisi we-LGBTIQ+ uqokwe yi-National Executive Committee (NEC) ukuba yilungu layo lokwengeza okwashayelwa elikhulu ihlombe abalwela amalungelo abathandana benobulili obufanayo.

UManana no Jama bobabili abasebuholini bezinhlangano zabafundi ezikhungweni abafunda kuzona bona basandwa kufakwa njengamalungu okwengeza ebuholini obuphezulu bukazwelonke ku-ANC Youth League. Ebhala ekhasini lakhe lika-Facebook uJama uthe: “Ngesikhathi izinhlangano eziningi zabamnyama zigqugquzela izondo kubantu abafana nathi futhi zishaya nemithetho ephikisana nempilo yethu, i-ANC ka-Nelson Mandela iyaziqhenya ngokuyisa isishoshovu esithandana nabanobulili obufana nobaso ephalamende”.

Inhlangano edlelana ne-ANC i-Embrace Diversity Movement (EDM) ikuncomile ukufakwa kwalaba kulolu hlu, yazwakalisa ukuthi lokhu kwenza kuyigxathu eliya phambili ekumelelekeni kwabathandana benobulili obufanayo.

“Lokhu akungabazeki ukuthi kuzofundisa futhi kusungule isithangami sokuthi izinselelo ezibhekene nabaphila impilo yethu zibekwe phambili futhi ezinhlelweni zikaHulumeni.

“Siyakholwa ukuthi laba banobuholi namava anele ukuthi bamele izimfuno zabaphila benobulili obufanayo nobabo esishayamthetho sikazwelonke”, kusho uNobhala-jikelele we-(EDM) uMpho Buntshe esitatimendeni esikhishwe ilenhlangano.

UBuntshe uphinde wahalalisela ukufakwa kukaThandokazi Stefani ohlwini lamalungu azoya kwisishayamthetho sesifundazwe eGauteng, naye oyilungu LGBTQI+. Nokho uzwakalise ukudumala kwakhe ukuthi ezinye izifundazwe ziwachithile amagama abaphila impilo yabo. “Siyazi ukuthi ezinye izifundazwe aziyingenanga indaba yabathandana nababolili obufana nobabo yize ama-guidlines abekuqukethe lokho”, kuphetha uBuntshe.

Kuyaziwa ukuthi i-DA ilona iqembu elaqala ukufaka ohlwini lwayo lwabaya ephalamende nasezifundazweni inqwaba yabathandana nabanobulili obufana nobabo. Iqembu elithathwa njengeligxile emasikweni nasemthethweni oqinile i-IFP libonakale likelise igama lesitabane esaziwayo uSomizi Mhlongo ohlwini lwabebephethe uhlelo emcimbini wayo wokwethula izethembiso zokhetho.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.