Imibono

Umthethosisekelo Ngeke Ume Uthi Phuhle Udlule Isiko Nemiqathango Yesizwe

Izolo ekhuluma ohlelweni luka Xoli Mngambi ku-Newzroom Afrika ushilo umhlonishwa uSboniso Duma ukuthi isikhundla sikaNdunankulu asihlinzekelwe kumthethosisekelo wezwe. Cishe ubekhuluma nge-Traditional Leadership and Governance Framework, Act 23 of 2009. I-Chapter 3 section 8 yalo mthetho iyakhuluma ngobuholi obuphezulu bendabuko (Senior traditional leadership) kodwa awukhulumi kucace ngesikhundla sikaNdunankulu (Prime minister).

Ngokwalo mthetho umuntu ophakanyiselwa esikhundleni esiphezulu sobholi bendabuko kumele abe nomphakathi wabantu ongaphansi kwakhe noma umkhandlu wabaholi bendabuko ongaphansi kwakhe. Ngakho ukuziphatha kukamhlonishwa uDuma ngempelasonto kusukela lapho.

Sonke sesiyazi manje ukuthi kwenzekeni. Kubi nje ukuthi kunabantu abagcine bengeniswe ezibhedlela ngenxa yokulinyazwa abantu abangaziwa. Kuhle ngoba amaphoyisa ayaphenya.

Ishwa elibhekene nabantu abangamaZulu ukuthi isikhundla esibaluleke kangaka esizweni nakuso ISilo uqobo kube nomuntu osedelelayo aze azithethelele ngokuthi lokho ukwenza ngoba awukho umugqa kumthethosisekelo wezwe okhuluma ngaso. Lesi khundla ngokomlando wamakhosi sidala. Kusuka endulo amakhosi abeziqokela oNdunankulu bawo ngokubona kwawo ngaphandle kwemibandela nemicilikisho kaHulumeni. Kuyichilo kakhulu ngoba yena umhlonishwa ungumzulu okumele ngabe ukuqonda kangcono lokho.

Naphezu kwalokho njengomholi bekulindeleke ukuba abe ngumelusi omuhle, kubonwe kuye indlela yokuhola abantu. Umhlonishwa ubenethuba lonke lokulungisa lokhu abekubona ukuthi kuyiphutha. Isenzo sobudlova besingenasidingo.

Ngesikhathi imiqondo yethu sonke igxile okhethweni olulandelayo, asidluleni esigamekweni sangempelasonto kepha sicabange ukuba njengoba umhlonishwa uDuma engowokuwala ohlwini lwamagama abeqembu lakhe abayongena esishayamthetho sakwaZulu-Natali futhi iqembu lakhe lingase limqoke ukuba ngundunankulu wesifundazwe sethu kwaZulu uma lingase livotelwe iningi, ngabe ungumuntu okahle yini? Kwalona iqembu elimbeke lapho liyiqembu elithembakele yini ukuthi lingaphatha kahle izindaba zendabuko ngaphansi kobuholi bakhe.

Okuyinkinga kakhulu ngalomholi ukuthi akukho lapho abona khona ukuthi wenze iphutha ngesenzo sakhe. Sizobayeka labo abambongelayo ngoba asikhulumi ngabo kepha sinamahloni okumbiza ngomhlonishwa yena nakuba isikhundla asiphethe kuHulumeni sisiphoqa. Kahlukile nomuntu onya azibongele phezu kwamasimba.

Umhleli

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.