Kugqame Izinguquko Ezinhlelweni Nabasakazi Abashiyayo Ku-Metro FM, Ukhozi FM ne-Radio 2000
Ukhozi FM ngomlomo ka-Pearl Maseko owumphathi wezinhlelo lumemezele ngoMsombuluko uhla lwezinhlelo zalo nabasakazi abazozwakala kusukela mhlaka-1 Mbasa 2024. Izinhlelo eziningi ezingena phakathi nesonto kulomsakazo ongaphansi kwe-SABC azishintshanga kodwa kube nezinguquko ezingatheni lapha nalaphaya.
Uhlelo Cobela Kufalaza Mlimi olungengena ngehora lesithathu kuya kwelesihlanu ekuseni, obelwenziwa u-Lucky Nkosi seluzokwenziwa uLonda Mbatha owahlabana emncintiswaneni i-Winnie Mahlangu Presenter Search Competition. Ethimbeni lohlelo lantambama phakathi kwehora lesithathu nelesithupha, i Woza Nabangani Bakho sekwengezwe uNco Dube ozoba umdidiyelo wohlelo. Abanye abashintshwangwa.
Izinguquko eziningi zizobonakala ngempelasonto njengoba ngoMgqibelo ohlelweni uLuzolo obelwenziwa u-Lucky Nkosi seluzokwenziwa uZama Mseleku okhombisa ikhono eliyisimanga njalo mayebambele ozakwabo. Ushintsho olugqamile kulo msakazo olohlelo olungena ngoMgqibelo phakathi kwehora lesishiyagalolunye kuya kweleshumi nambili emini oluthi Sigiya Ngengoma. Kuzokhumbuleka ukuthi ngeSonto bekufihlwa uBheka ‘Beekay’ Mchunu obenza lolu hlelo ngokubambisana nentokazi uBingelela ‘Bings’ Mpanza. UMaseko ekhuluma ohlelweni luka Sipho ‘DJ Sgqemeza’ Mbatha no Nonhlanhla ‘Mroza’ Buthelezi iVuka Breakfast Show uthe lolu hlelo lusazobanjwa uKhathide ‘Tshathugodo’ Ngobe naye uBingelela okwamanje kuze kube uthatha ngokugcwele ngomhlaka -1 Mbasa.
NgeSonto ohlelweni obelwenziwa uLonda Mbatha oluthi Sekuntwela Ezansi phakathi kwehora lesithathu kuya kwelesihlanu ekuseni sekuzongena uNozipho Zulu naye onqobe emncintiswaneni i-Winnie Mahlangu Presenter Search Competition ka-2023. Kuzobe sekuthi ngeSonto ohlelweni Ezingasoze Zabuna olungena phakathi kwehora leshumi nambili kuze kugamanxe ihora lesibili, kungene u-Lucky Nkosi. Lolu hlelo belwenziwa intokazi uNongcebo McKenzie ongaveli ohlwini lwezinhlelo nosekucacile ukuthi uyashiya kulo msakazo.
Ezinye izinguquko kulo msakazo kube ukuqashwa kukaMuzi Mthabela olingisa emdlalweni kamabonakude owuchungechunge i-Generations: The Legacy. UMthabela kumenyezelwe ukuthi uzosebenzisana noSiwe Cele ekwethuleni izinhlelo zesiteshi ohlelweni lwe-YouTube.
I-Metro FM nayo engaphansi kwa-SABC yenze izinguquko ezigqamile ezinhlelweni zangempelasonto. Ethula izinguquko zomsakazo uKina Nhlengethwa onguMphathi-Siteshi umemezele ukuthi uhlelo lantambama olungena kusuka ngehora lesithathu liphele ngehora lesithupha, i-Touchdown olwenziwa uThabo ‘Tbo Touch’ Molefe luzojoyinwa uLuthando ‘Loot Love’ Shosha.
Kuzoba ngezinguquko ezigqamile ngeSonto njengoba kuzokuthi ekuseni engabe esezwakala uSiya Mhlongo obenza i-Sacred Space noThami Ngubeni phakathi kwehora lesithupha nelesishiyagalolunye. Uhlelo olungena phakathi kwehora leshumi nambili nelesithathu emini seluzokwenziwa u-Paul Mtirara kanti seluzobizwa nge-Chill Factor. UMsizi Shembe obenza lolu hlelo usezongena ne-Soul Sunday Therapy ngehora lesishiyagalolunye ebusuku kuze kube phakathi kwamabili.
Abasakazi abangeke besezwakwala kwi-Metro FM uNothemba Maduma obenza i-Urban Jazz Experience ngehora lesishiyagalolunye ebusuku kuze kube phakathi kwamabili, u-Oscar ‘DJ Oskido’ Mdlongwa obenza uhlelo lomculo wokujuxuza oluthi I Believe oluqediwe no DJ Spectacular. Kubasakazi abajoyine lomsakazo kukhona uRorisang Thandekiso ozokwenza uhlelo obelwenziwa uSiya Mhlongo phakathi kwehora lesine nelesihlanu ekuseni phakathi nesonto oluthi Command Your Day.
Nakuba kungakabi nesimemezelo esisemthethweni esisaziyo esikhishwe i-Radio 2000 kodwa izimpukane zithi inkakha yomsakazi uMpotseng Tshinaba odume ngelika-Glen Lewis uzohlukana nalo msakazo njengoba ekhonjwa emsakazweni oseGoli iKaya 959. U-Glen Lewis ujoyine i-Radio 2000 ngo-2018 ozokwenza uhlelo lwantambama i-Glenzito Super Drive wase ethuthelwa kolwasekuseni i-The Morning Buzz. Ngaphambi kwalokho uke wasebenza kwi-Metro FM, Massive Radio, Radio Bop ne Radio Thohoyandou yangakubo. Kuthiwa ozakwabo ubahlebele ukuthi ku Kaya 959 uyokwenza uhlelo lantambama kanti kubikwa ukuthi imthembise itshe lemali ukuze avume ukusayina inkontileka nayo.