Uboshelwe Ukuwaka Abantu Ngebhanoyi U-“Dr Hlongwane” We-Skeem Saam
Uvele ngoLwesihlanu enkantolo yeMantshi ePolokwane uSebase Mogale odlala indawo ka-Dr Hlongwane emdlalweni owuchungechunge ku-SABC 1, i-Skeem Saam. USebase uboshwe nomkakhe u-Dora Sebase ngecala lenkohlakalo ayenza ngesikhathi ewaka abantu izizumbulu zemali ngoba bebathembisa ukuthi mabefaka imali ebhizinisini labo izozala ibuye isiphindiwe.
Kuthiwa ngo-2020 laba basungula inkampani eyibhanoyi ababeyibiza nge-Mining City eyayihweba ezimakethe ze-bitcoin, base bethembisa abantu ukuthi uma befaka imali yabo kuleli bhizinisi bona bazobahwebela bese kubuya inzuzo enkulu. Kusolwa ukuthi uSebese ubesebenzisa uhlelo lwakhe emsakazweni ongaphansi kwe-SABC, iThobela FM ukuthola amakhasimende abezotshala imali kuleli bhizinisi.
Abantu abaningi babe nethemba ukuthi uma betshala imali kuleli bhizinisi izokhula njengoba bebethenjiswa kwazise uSebese ubewumsakazi esiteshini somsakazo esikhulu. Bebefaka imali ku-account ebibizwa nge-Altcoin trader kusuka ku-R6 500 kuya ku-R25 3000.
Inkinga iqale sekumele bayikhiphe lemali, sebethola ukuthi ukuthi imininingwane abebenikwa yona besafaka imali ayisasebenzi. Bathe uma befona, bebuza kuSebesa ukuthi kwenzakalani ngemali yabo, wabatshela ukuthi ibhanoyi le-Mining City liwile ngenxa yokuntenga kwamandla emali. Bathe uma beya emahhovisi obekujoyinwa kuwo leli bhanoyi bahlangatshezwa ingidi emnyango nokwacaca kubona ukuthi sekubhedile. Ngaphezu kwalokho ugcine engasatholakali nasocingweni lwakhe uSebese.
Kuthe ngo-2022 uSebese enza uhlelo lwakhe kuThobela FM kwatheleka ithimba lohlelo lukamabonakude i-Carte Blanche lihamba namaphoyisa kwaphazamiseka yonke into eyayenzeka njengoba lomlingisi akhishwa emoyeni ukuze abhekane nezono zakhe. Abe-Carte Blanche base bencizwe indlebe amakhasimende ayeselahlekelwe imali ebhanoyini likaSebese.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uMalesela Ledwaba uthe abalelwa eshumini amacala avulelwe uSebese kanti kulindeleke ukuthi ande njengoba bebaningi abavelayo abathi nabo wabaqola ebambisene nomkakhe. Ngesikhathi evele enkantolo nomkakhe ngoLwesihlanu bakhululwe ngebheyili ka-R10 000 ngokuhlukana kanti bazobuya kulenkantolo mhlaka-20 Nhlaba.