EZISEMATHENIIzindaba

Inyosi UMdletshe Ifake Umholi We-ANC Esikoleni

Kube nokuphazamiseka isikhashana emcimbini wokukhumbula iminyaka eyikhulu neshumi (110) yeSilo uDinuzulu obusenkundleni yemidlalo kwaCeza ngoMgqibelo. Isidubedube sisuswe uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natali uMnuz. Sboniso Duma ngesikhathi ecaphuna umbhobho kusakhuluma uNdunankulu wesiZwe samaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi. Akwaziwa okucasule uduma ngoba lenkulumo kaMfu. Buthelezi ebisesigabeni sokundlalela inkulumo yakhe yokwethula ISilo. Lenkululo esabalele ezinkundleni zokuxhumana kuzwakala uMfu. Buthelezi ethi: “Esikunxusayo kunye kuphela ukuba uHulumeni wesifundazwe sakwaZulu-Natali ufunde kuwe ukukuhlonipha wena njengeNkosi yethu. Umholi ophezulu we-ANC kulesifundazwe uMnuz. Bheki Mtolo empeleni oyi….”.

Emuva kwalokho kusukume uDuma wahosha umbhobho lapho obuxhunywe khona kwakhuluma yena.

“..ngeke besicela ukuthi sihloniphe usiko esize kulo, Shenge ngicela uhlale phansi besicabanga ukuthi uzokwethula ISilo. Uyawulimaza umcimbi omuhle kangaka wesilo sasoSuthu. Uyakhukhumala kakhulu kanti isizathu esenza ukuthi sihloniphane ukuthi okade ephambili ngaphambi kwakho ubeyihlonipha kaHulumeni.

“Msindazwe sizocela ukuthi ngenhlonipho usethulele Isilo, singawoni umcimbi. Sizocela ukuthi Silo umcimbi ngowakho uwena Silo KwaZulu-Natali ongamele Nkosi yamaKhosi..”, kusho uDuma.

Emuva kwalokho uDuma ube esedlulisela izintambo eNyosini yeSilo uMnuz. Buzetsheni Mdletshe ukuba kube yiyona eyethula ISilo. UMdletshe walile ukwenza abekuyalelwa uDuma, waqhakambisa inhlonipho nendlela elandelwayo emicimbini yeSilo.

“Mhlonishwa inhlonipho phela yesihlalo angikwazi ukuphambana nayo, ukhonjwe ISilo…kufanele akhuleke yena athi wena weNdlovu! wena weNdlovu! Bayede! ..njengoba bekwenza uMntwana mina bese ngibonga”, kusho kululeka uMdletshe.

Isithombe: ISilo uMisuzulu kaZwelithini

Emuva kwalokho uDuma ube esekhuluma sakuqhosha ethi: “Ay uma nizonela umcimbi Hulumeni, uHulumeni unamandla…ngeke sivume, lona wenziwe uHulumeni umcimbi”, kumemeza uDuma.

Sesidlulile isidubedube uMfu. Buthelezi ukhuze izaga evivisa amabutho abephelezele ISilo kulomcimbi. Kuzokhumbuleka ukuthi uMfu. Buthelezi waqokwa ISilo njengoNdunankulu wesiZwe samaZulu eMachobeni Royal Palace eNgwavuma mhlaka-2 Ndasa. Lokhu kwenzeka emuva kokukhothama kobenguNdunankulu kaZulu uMntwana wakwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi..

Emuva kokuqokwa kukaMfu. Buthelezi bekuolokhu kuzwakala abaholi abaphezulu be-ANC nabakuHulumeni waKwaZulu-Natali bekhuluma esidlangalaleni bethi bona abamazi uNdunakulu kaZulu futhi abakaze baziswe lutho ngaye. ISilo siphinde samethula uNdunankulu waso ngesikhathi kuvulwa isishayamthetho sesifundazwe sakwaZulu-Natali e-Oval Cricket Stadium eMgungundlovu mhlaka-27 Nhlolanja.

Isithombe: UMfu. Thulasizwe Buthelezi

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.