“Engathi Akuhambanga Kahle” Kowayeshade noSomizi Evala Ibhizinisi
Azihambi kahle izinto kuMohale Motaung selokhu ahlukana nowayeshade naye uSomizi Mhlongo.
Kuphoqe ukuthi avale indawo yakhe yokujuxuza ebiyaziwa nge-Fusion Cocktail Lounge eMelville eGoli ngoba esehluleka ukubhekana nezindleko zokuyiqhuba.
Lendawo uMohale uyivule emuva kwezinyangana ehlukene noSomizi owumdansi nomsakazi we-Metro FM.
Umthombo osondelene naye uthe bekunzima kuye ukuyigcina isebenza lendawo njengoba ubesehlulwa nawukukhokhela abasebenzi nomastende. Ngokusho kwalo mthombo lokhu bese kuqhubeke isikhashana impela. “Kusukela kudala wayevele efisa ukuba nendawo yakhe yokudlela nokujuxuza engakahlangani noSomizi. Kwakuvele kuyiphupho lakhe…and uzamile yena shame. Kodwa-ke akekho ongazi ukuthi lolu hlobo lwebhizinisi ukulula ukuluqhuba, akufani nobukhazikhazi obubona uma ungaphandle”, kusho umthombo.
I-Fusion Cocktail Lounge bekuyindawo ephezulu ehanjelwa abantu abaphezulu nabaziwayo emkhakheni kaqedisizungu.
Nokho izindleko zokuyiqhuba bezimba eqolo. “Kusuka kubasebenzi okumele behole njalo ngenyanga, izimpahla ezidayisayo kumele zihlale zikhona ngaso sonke isikhathi, ngapha kuhamba ugesi kumele aqashe ama-generator abizayo nawo. Bekungelula, uyivale kufanele”, kuqhuba umthombo owumngani omkhulu kaMohale futhi oke wasebenza kule ndawo.
Lo mthombo uthe akungoba eyisahluleki uMohale kodwa usola ukuthi lendawo ibinkulu kakhulu, kungakuhle athole enye indawo ezoba ncane kunale ziphinde ziwe.
Omunye onebhizinisi eduze kwelikaMohale utshele intatheli ukuthi ubesejwayele ukubona kuvaliwe kanti nowayeqashe lendawo ngaphambi kukaMohale wayenenkinga efanayo. “Inkinga yalendawo ukubiza. Njengoba ibisinokuvalwa bebefika abantu kuvaliwe bejike. Okunye kunendawo ngaphesheya kwale ezikhiphayo kuyona kanti igenge esencane ikhonze yona kakhulu nokungenye yezinto ezishaye leli bhizinisi”, kuchaza usomabhizinisi obewumakhelwane kaMohale.