Izindaba

Ugixabezwe Ngohlelo Lokupheka UMoshe Ndiki Ku-SABC 3

Ugixabezwe ngohlelo lwezokupheka usaziwayo wakuleli ophinde abe umlingisi wemidlalo kamabonakude uMoshe Ndiki. Lolu hlelo olubizwa nge-Ready Steady Cook South Africa luthathelwe kolunye obeludlala ku-BBC 2 noludlale isikhathi eside kumabonakude. Kulindeleke ukuba uMoshe ahehe ababukeli ngamahlaya akhe nangekhono lakhe elimangalisayo lokwethula izinhlelo ezibukhoma kulolu lwakuleli oluzodlala ku-SABC 3.

I-Ready Steady Cook South Africa ikhiqizwe i-Primedia Studios ibambisene ne-Rose and Oaks Media nokungabakhiqizi abadidiyele uhlelo obeludlala khona ku-SABC 3 i-The Masked Singer South Africa. Abakhiqizi balolu hlelo bazwakalise ukujabula ngokuthola uMoshe ukuthi abe umethuli walolu hlelo. “Angeke sikufihle ukuthi sijabule kakhulu ukuthi uMoshe uvumile uma simcela ukuthi asenzele umsebenzi wokwethula nokuqondisa i-Ready Steady South Africa. Siyazi ukuthi uzokwenza umlingo wodwa ngekhono lakhe elingangatshazwa kumabonakude, ukuselusela amathimba amabili azobe eqhudelana ngokushaya ibhodwe.

“Kudala ethula izinhlelo ezikanje, ehlekisa ababukeli, siyazi ukuthi namanje uMoshe uzobe enza ezibukwayo futhi uzoba isinongo esimnandi esizokwenza lolu hlelo lubemnandi njengoshukela futhi lujabulise ababukeli emakhaya”, kusho omunye wabanikazi be-Rose and Oaks Media u-Anele Mdoda.

U-Anele uqhubeke wathi lolu hlelo luzoba ngezinye ezihlabahlosile ezithathelwe kwezaphesheya futhi luzothokozelwa emakhaya akuleli.

“Noma kuzoba nezigameko ezishubile kulolu hlelo phakathi kwamathimba i-Team Red Tomato ne Team Red Pepper, kuzophinde kube mnandi. Khona lapho uhlelo luqonde ukuphendula lemibuzo ejwayeleke ukubuzwa abantu nsuku zonke ethi: “Kudliwani layikhaya?”.

U-Moshe usanda kubonakala kumabonakude ohlelweni obelukhuluma ngempilo yakhe i-Life with Moshe obeludlala kuMzansi Magic. I-Life with Moshe ibidingida izigameko ezithinta ubudlelwane bakhe nowayeyisithandwa sakhe uPhelo Bala kanye nohambo lwakhe obelubheke ekubeni ubaba wamadodana amabili angamawele.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMoshe uke wethula uhlelo obeludlala kuMzansi Wethu oluthi Mntase obeluxazulula izingxabano zemindeni phakathi kwezelamani ebezingezwani ngokuthile. UMoshe ubetshengisa ikhono elingajwayelekile lokudala ukuthula nokubuyisana kulaba abasuke bexabene.

I-Ready Steady Cook South Africa ezoba neziqephu ezingamakhulu amabili namashumi ayisithupha (260) izoqala ukuboniswa ngomhlaka-18 Ndasa ngehora lesikhombisa (19:00) kusihlwa ku-SABC 3. Kuzoba nempinda yalo ku-SABC 1 makugamanxa ihora lesithathu (15:30) ntambama naku-SABC 2 makugamanxa ihora lesihlanu (17:30) ntambama phakathi nezinsuku.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.