EzosaziwayoIzindaba

Usomahlaya Owa ‘Fokofisa’ Abesifazane Abamnyama Ugwinye Amazwi Akhe

Uxolisile kubantu besifazane usomahlaya ongumethuli wezinhlelo kumabonakude u-Tol Ass Mo ngamazwi awasho engxoxweni ayenza ngo-2023 kwi-podcast ka-DJ Fresh i-What A Week. Lo somohlaya wamemezela kule ngxoxo ukuthi uhlukene nomkakhe uMome Mahlangu futhi angeke aphinde abe sebudlelwaneni bezothando nabesifazane abamnyama.

Ngokushesha emuva kwalokho kwasabalal izithombe ezinkundleni zokuxhumana lapho ayebonakala khona nowesifazane okwakusolwa ukuthi uyathandana naye.

NgoLwesibili kushintshe ukukhuluma ngesikhathi losomahlaya ememezela esitatimendeni asibhalele abezindaba ukuthi usebuyelene nomkakhe waphinde wambonga ngokumamukela emuva kokuziphatha kwakhe okwakumhlaza nokuqonda sonke isimo sakhe. Uqhube wathi amazwi akhe athi angeke aphinde abe sebudlelwaneni nabesifazane abamnyama uyawahoxisa, ayengafanele.

“Indlela engiyihambe ngaze ngafika kulesikhathi samanje lapho umoya wami usukhululeke khona ibingelula. Izinto engizishilo nengizenzile kube nzima ukubhekana nazo uma sezibuyela kimi mahlanze. Ukubuyela emndenini wami nokwesekwa unkosikazi wami kube uhambo olunginike umuzwa ophelele ngobunjalo bempilo. Umkami ube yikho konke emizameni yami yokulungisa impilo yami, umusa nokuqonda kwakhe bekungangifanele ngenxa yezinto engizishilo nendlela engiziphathe ngayo phambi kwakhe nakuyena uqobo”, kusho uMo esitatimendeni.

Echaza kulesitatimende ebesibhalwe ngokucophelela uMo uthe impilo yakhe yashintsha ngo-2020 emuva kokuba ebe nenkinga yengcindezi neyayiphazamisa indlela ejwayelekile yokucabanga. Umqondo wakhe waphazamiseka kakhulu kusuka ngaleso sikhathi.

“Ngiyazisola ngezitatimende engangizenza ngaleso sikhathi [sokuphanjanelwa ikhanda], nengakusho ngabantu besifazane abamnyama. Ngifisa ukukusho kucace ukuthi lezinto engangizenza nengangizisho azihambelani nhlobo nohlobo lomuntu engiwuyena nengikholelwa kukhona.

“Umuntu owayekhuluma zonke lezinto kwakungeyimi kepha kwakuyilolo hlanya engase ngiphenduke lona ngenxa yezinkinga zempilo engangibhekene nazo”, kuchaza uMo.

Ukhuluma kanjena nje uMo nomkakhe usanda kubhala ku-Instargram ukuthi ufunde lukhulu ngesikhathi esaqhelelene nomyeni wakhe. “Engikufundile ngesikhathi sisahlukene nomyeni wami ukuthi kuba njani ukuba nomuntu omthandayo kodwa angabi ingxenye yempilo yakho. Impilo yokungasondelani nesithandwa sakho ngokwenyama, ngokomphefumulo nangokomoya ulode uzula, ucinga uze uhlangane futhi naso. Izimo zempilo azilula, imvula iyana ise, kuba mnandi mase isile.

“Abangizwayo bazongizwa, abangangizwa akulutho nabo basazohlangana nezabo izithandwa”, kuphetha uMome.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.