Umnyango Wezokuthutha KwaZulu-Natali Uqasha Abe-ANC Kuphela
Lana mhleli KwaZulu-Natali sinenkinga ngoMnyango wezokuThutha. Lo mnyango usibizile ngoNhlangulana wonyaka odlule ukuthi siyolalela uhlelo lukaMphathiswa uSipho Hlomuka, owafika laphana wasithembisa ukuthi kuzophuma ama-permanent post. Nebala aphuma ngempela safaka izicelo sabizwa sayobhala i-assessment yakhona kuma-road workers nakuma-messenger.
Manje okuyinkinga umnyango usiqashile kanti wasithembisa noMphathiswa uHlomuka ukuthi sizobizwa futhi kuzoqalwaa ngabantu abakwi-contract ka-EPWP abangaphakathi emnyangweni. Okwenzekile manje kungene abantu abangaphandle, uma sicela izimpendulo asizitholi kumuntu.
Abaningi kulaba abaqashiwe bathi bona babizwe amakhansela abo angaphansi kwe-ANC bese abanye bethi babizwe iziMeya ze-ANC. Ngeshwa thina esingazi muntu sashiwa kanjalo.
Esifuna ukukwazi ukuthi ngabe lento abayenzayo bayicabangile yini noma bacabangele iqembu leli elibusayo kuphela? Ngabe thina ezinhlelweni zakhe uMphathiswa usicabangile yini noma wayesikhohlisa nje ethenga ivoti le-ANC ngamandla wethu siwumphakathi wakwaZulu-Natali na?
Masifonela emahhovisi omnyango bonke bathi abahlangene nokuqashwa kwabantu kodwa bathi uMphathiswa womnyango uyena oqashayo. Umphakathi udiniwe , uma uMpathiswa engabenzi ubulungiswa uthembisa ukuthi yonke iminyango kaHulumeni wakwaZulu-Natali izovalwa.
Neliswa Ndzanibe, Ixopo