EZEMIDLALOIzindaba

Owaduma Ku #FeeMustFall Ubize Ukaputeni Weqembu Lesizwe Lombhoxo Kuleli Ngo ‘Popayi’ Wabamhlophe

Ekhuluma kwi-podcast ka-DJ Sbu i-The Hustlers Corner ngoMsombuluko umholi wentsha yeqembu elisanda kusungulwa i-MK Party uBonginkosi Khanyile ubize ukaputeni weqembu lesizwe lombhoxo lakuleli uSiya Kolisi ngopopayi wabamhlophe. UKhanyile wodumo lomkhankaso i-#FeesMustFall uthe uKolisi kayena umholi kodwa uyisigqila sabamhlophe.

Utshele uDJ Sbu ukuthi uyazi ukuthi abantu abaningi eNingizimu Afrika bamthatha njengeqhawe labo uKolisi kodwa yena angeke ambize ngeqhawe ngoba akamboni kumfanele lokho, akucoshwa phansi. “Ufundisa abantu bakithi ukuba izigqila zabamhlophe. Uyisigqila sebhola lombhoxo”, kusho uKhanyile

Uqhubeke wathi izwe akufanele liziqhenye ngaye ngoba akukho akumele okuthinta abantu abamnyama.

“Mawukhumbula kahle ngesikhathi kade sijabulela ukunqoba indebe ye-World Cup, kwathi amabhasi ehla enyuka phakathi kwemizi e-Cape Town abadlali babephelele bonke [abamhlophe nabamnyama] kodwa ngesikhathi sekuyiwa eKhayelitsha abamhlophe basala emuva uKolisi wayeseyedwa”, kusho uKhanyile.

Emuva kokubuka ingxoxo abe nayo no-DJ Sbu ababukeli babe nemibono ehlukene ngokuphawula kukaKhanyile njengoba kukhona abamgxekile lomholi odume ngokukhuluma noma yini ayithandayo. ULunga_26 ubhale ku-Twitter osuwu-X wathi: “Lo mlisa uyikhonco elibuthaka ku MK Party. Ubengayisho yonke lento akunankinga kodwa akayeke amanga, ibhasi alikaze liye eKhayelitsha kodwa laya kwaLanga futhi babekhona bonke abadlali. Nango-2019 laya kwaLanga nabobonke abadlali”.

U-DecidedDied uvumelane noLunga_26 wathi: “Uswele into angayisho lona nokukhuluma sengathi impempe. USiya usenzele izwe izinto ezinkulu kwayona i MK Party engeke izenze ngalesikhashana ezoba naso”.

“Le nkulumo inokucwasa futhi inenhlese yokuhlukanisa abantu. USiya Kolisi umuntu ohlonipheke kabi futhi osedlule ezintweni eziningi ukuze azuze lempumelelo yakhe. Ayinabuqiniso inkulumo emfanisa nomdayisi wabantu bakubo abamnyama. Inkulumo enje yimbi futhi igqugquzela ukuhlukanisa abantu ngokobuzwe”, kusho u-IlterGurol khona ku-Twitter.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.