EzosaziwayoIzindaba

Obedlala Ku Gomora Usezobonakala Ku Skeem Saam

USicelo Buthelezi (osesithombeni) obedlala indawo ka-Teddy kuGomora usezobonakala emdlalweni owuchungechunge waphakathi nezinsuku ku-SABC1 i-Skeem Saam lapho azodlala khona indawo ka-Tobias “Toby” Maswahla.

Lolu swahla lwensizwa luveze ukuthi lujabule ngokuthola indawo ku-Skeem Saam. “Ngisafika khona kodwa kumnandi ngathi kudala ngikhona”, kusho uButhelezi.

Ku-Skeem Saam uzodlala indawo yomfundi wasenyuvesi eJohannesburg owukhandalimtshelokwakhe. Emuva kokungaziphathi kahle kuzophoqa ukuthi abuyele ekhaya e-Turfloop.

Mayesese-Turfloop ubuyelwa ingqondo, aqale akhumbule izifiso ayenazo ngempilo nokubaluleka kwemfundo. Ubuyela esikoleni kodwa kulokhu esangakubo njengoba ezobhalisa e-Turfloop University aphinde athole umsebenzi azowenza mayengekho esikoleni.

Uzoqala ukubonakala ku-Skeem Saam mhlaka-2 Mbasa 2024.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com