Inzuzo Enkulu Kwa-Old Mutual Kodwa Amakhasimende Awaneme
Inkampani yezimali i-Old Mutual izolo ikhiphe izibalo ezikhomba ukuthi iye yathola inzuzo ka-R7.5 billion ezinyangeni eziyishumi nambili, kusukela ngoMasingana 2023 kuya kuZibandlela 2023 uma kuqhathaniswa no R5.5 billion eyawenza ngo-2022.
Kukhishwa lezibalo nje amakhasinde akwa-Old Mutual aseqale umkhankaso obizwa nge #OldMutualMustFall okuhloswe ngawo ukuxwayisa abantu ukuthi bengazihlanganisi nale nkampani enkulu yemishwalense.
Kuthiwa lenkampani inomkhuba omubi wokunqaba ukukhokha imali yamakhasimende uma evelelwa izehlo ezinjengokufa, njengoba iye ibeke izaba esuke engashongo lutho ngazo uma singakaveli isifo.
Muva nje kusanda kusabalala i-video yendoda ebivalele abasebenzi belinye lamagatsha ayo ifuna ngodli imali yokungcwaba umntwana wayo emuva kokuthi abakwa-Old Mutual bethe ngeke iyithole lendoda imali ngenxa yokweqiwa inyanga eyodwa yize bese ineminyaka ikhokhela umshwalense kule nkampani.
Kwesinye isigameko lenkampani inqabe ukukhokhela umndeni ngelungu lawo eliyiphoyisa elishone ngokudutshulwa lisemsebenzini ngenxa yokuthi kuvele selifile ukuthi belinesifo esiyimbelesela (chronic) eliphila naso ekubeni ngesikhathi lijoyina lalingakuvezanga lokho.
Ziningi ezinye izigameko ezibikwa amakhasimende zokungagculiseki ngendlela lenkampani ephethe ngayo ibhizinisi.