Izindaba

Zizodlana Imilala Kwabemisakazo Kuma-Telkom Radio Awards

NgoLwesibili kumenyezelwe ukuthi uyaqhubeka nakulo nyaka umcimbi wama-awards oklomelisa imisakazo nabasakazi i-Telkom Radio Awards. Lo mcimbi ongoweshumi nane kulonyaka uzobe ubungaza iminyaka eyikhulu (100) yezemisakazo eNingizimu Afrika.

Ukungenela lama-awards kuqala mhlaka 19 Ndasa kuze kube umhlaka 14 Nhlangulana. Okhulumela lama-awards uGugu Mthembu uthe: “Njengoba kulonyaka sibungaza iminyaka eyikhulu yomsakazo siyaziqhenya ngawo uyigugu elingasoze lashabalala futhi usaqhubeka nokuba ithemba kubalaleli ngokubafundisa nangokubajabulisa.

“I-Telkom njengawo umsakazi ubulokhu ungumxhamanisi wabantu yonke leminyaka, uvala imingcele ehlukanisa abantu. Isibophezelo sethu sokuqhubeka nokuxhumanisa abantu asiwona umlando esesidlule kuwo kuphela kodwa siyinsonto yekusasa lethu”, kusho uGugu Mthembu.

Ama-Telkom Radio Awards achoma uphaphe lwegwalagwala abasazi kanye nemisakazo eyenza kahle ukuqhakambisa ukusungula nokuguqula izimo kusuka kwezinzima kuya kwezinhle. Imingenelo ivulelekile kubona bonke abasakazi nemisakazo yomphakathi, esakaza ngobuchwepheshe kuphela naleyo eyenza inzuzo.

Kungenelwa mahhala kulama-awards kanti abahleli bawo bazoba nembizo yokucobelelana ngolwazi nabemisakazo ukuthi kungenelwa kanjani, ukuhleleka kweminxa evotelwayo nokunye ngomhlaka 27 Ndasa.

Uhlelo lokubhalisela umunxa othandwa ngabaningi i-MyStation luzongenelwa lodwa lona ngokuqhubeka konyaka.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.