I-SIU Isilande U-R900 million Okwakumele Ukhokhele Abafundi Abahlwempu, Obuduve Ezikhungweni Zemfundo Ephakeme
Emkhankasweni wayo wokukhuculula izenzo zenkohlakalo ezikhungweni zikaHulumeni i-Special Investigating Unit (SIU) ihlasele izikhungo zemfundo ephakeme ngenhloso yokuphenya ukuthi ishonaphi imali ekhishwa i-National Students Financial Aid Scheme (NSFAS) uma igcina ingasebenzanga. Kuthiwa izikhungo zemfundo ephakeme ziye zithole imali yabafundi abasuke beyithole ku-NSFAS emuva kokuphumelela kwezicelo zabo kulenhlangano esiza abafundi abahlwempu ngezimali zokufunda. Le mali ingena ku-account yesikhungo bese ihlala isikhathi esingangonyaka egameni labafundi ukuze ikhokhele izindleko zokufunda nokunye.
Kuthiwa kuyenzeka ithi lemali isingenile ku-account yesikhungo bese abafundi bengaqhubeki nokufunda ezikhungweni lezo abasuke bebhalise kuzona ngezizathu ezihlukene. Imali engasebenzanga kumele ibuyele ku-NSFAS.
I-SIU ithole ukuthi uhlelo lwe-NSFAS lokubuyisela lemali emuva lunezinkinga, alusebenzi okwenza lemali igcine ihlezi ezikhungweni zemfundo ephakeme. Muva nje i-University of Pretoria iqedele ukukhokha imali engu-R400 million ku-SIU, okuyimali okumele ngabe kudala yabuyela ku-NSFAS. I-University of Pretoria ibilokhu ikhokha lemali ngo-R100 million yaze yaqeda kanti imali lena eyithole ku-NSFAS phakathi kuka-2016 kuya ku-2021.
Esitatimendeni esikhishwe yi-SIU iveze ukuthi selokhu iqale umkhankaso wokubuyisa lemali ka-NSFAS ezikhungweni zemfundo ephakeme isiqoqe u-R937 926 351. Isiyonke lemali eqoqwe yi-SIU imi kanje:
West Coast College, R5 057 679.00
Northlink College, R33 369 404.97
Walter Sisulu University, R19 900 174.00
Nkangala TVET, R342 672.50
University of Johannesburg, R311 892 088.94
University of Zululand, R58 088 144.65
University of Pretoria, R400 000 000.00
Majuba TVET College, R25 902 309.31
University of Mpumalanga, R33 668 138.56
I-SIU ithe ixhumene ne-NSFAS ngaphambi kokuqala lolu phenyo lwayo ukuthola imbangela yokuhluleka ukubuyisa imali eyifaka ezikhungweni zemfundo ephakeme yathola umbiko obuthi uhlelo lwalenhlangano lokulanda imali luntekenteke kakhulu futhi alusebenzi okudala ukuthi ihlale ikhala ngezimali ezingabuyiswa abafundi.
Esitatimendeni i-SIU iveze ukuthi isuke ku-NSFAS yaxoxisana nezikhungo zemfundo ephakeme ngalemali okumele ibuyiselwe ku-NSFAS ngaphansi kombandela obizwa nge-Proclamation R88 ka-2022 ovumela i-SIU ukuba iphenye ngezenzo zenkohlakalo nangezimali ze-NSFAS futhi izilande lapho ezicwile khona. Izikhungo zemfundo ephakeme zisebenzisane kahle ne-SIU.