EZISEMATHENIIzindaba

Usegobe Uphondo Owasungula Uhlelo Lwe ‘Please Call Me’

Sekuphele iminyaka egqigqa ezinkantolo owayeyisikhulu kwa-Vodacom uMnuz. Nkosana Makate ngenhloso yokuthola ubulungiswa ukuze akhokhelwe imali ebhekile ngomqondo wakhe wokusungula i-‘Please Call Me’, okuwuhlelo oseluzuzise inkampani yezingcingo i-Vodacom izindodla zemali. Muva nje uveze ukuthi lenkampani isimcele ukuba bake bathi ukuluxoxa ngasese loludaba, kebeyeke indaba yezinkantolo hleze kube khona abavumelana ngakho.

Leli cala elimayelana nokukhokhelwa kukaMakate bese lusenkantolo yokwedluliswa kwamacala i-Supreme Court of Appeals lapho isinqumo savuna yena ukuthi empeleni kumele ngabe uthola imali ephakathi kuka R29 billion no R63 billion. Kuzokhumbuleka ukuthi uMakate wayefune u-R47 billion kwi-Vodacom ngomqondo wakhe ekubeni yona yathi ingakwazi ukumnika u-R10 billion.

Isizathu esibekwa i-Vodacom ngokuhluleka kwayo ukukhokha imali eyayifunwe uMakate ukuthi lokhu kuzolimaza kakhulu ibhizinisi layo njengenkampani eyenza inzuzo, kuzothinta abasebenzi ngoba kuzophoqa ukuthi kube nabamiswayo njengoba imali yokubakhokhela izobe ingasekho kanye nabanamasheya kulenkampani bazobhoncula umbele.

Lo mqondo wokusungula i-‘Please Call Me’ wamfikela uMakate ngonyaka ka-2000 ngesikhathi ehlala ngokuqhelelana nomkakhe. Wacabanga ukuthi makungathiwa umkakhe uba nenkinga kodwa engakwazi ukumfonela ngenxa yokungabi nayo i-airtime angenza njani, nokuyilapho afikelwa khona ukuthi asungule loluhlelo lokuthumela umyalezo komunye umuntu umcela ukuba akufonele.

“I-Vodacom icele ukuba kesiluxoxe ngasese loludaba, sibeke izinkantolo eceleni. Noma kanjani ngiyavumelana nalokho, ngizoxoxisana nabo ngizwe bathini”, kusho uMakate othe lezingxoxo zizoba ngoLwesibili.

Ngo-2026 inkantolo yomthethosisekelo yanquma ukuthi i-Vodacom ayinike uMakate imali ayifunayo, yase iyalela isikhulu esiphezulu kulenkampani uMnuz. Shameel Joosub ukuba aqinisekise ukuthi kuyenzeka lokho. i-Vodacom yaphikisana naleso sinqumo ibeka izizathu esizibhale ngenhla. Okunye eyakubuka ukuthi lemali enkulu kangaka okuthiwa ayiyikhokhe izophazamisa uhlelo oluthuthukisa osomabhizinisi abamnyama abalinganiselwa emashumini ayisishiyagalombili (80), i Yebo Yethu. Lolu hlelo lweseka osomabhizinisi abamnyama ukusungula nokuthuthukisa amabhizinisi abo. “Imali efakwe abatshalimali ebhizinisini izophela yonke bese uhlelo lwe Yebo Yethu lungabi namali yokweseka osomabhizinisi”, kubeka i-Vodacom.

UMakate ukhulume ne-City Press eyitshela ukuthi kwayona lemali ayilwela kangaka akungoba efuna udumo noma ukugqama adlule abanye abantu kodwa uma eyithola lemali ayifunayo ufuna ukwakha izinkulisa zokufundisa abantwana ezisezingeni lomhlaba. Ngaphambi kwalokho uthe uzobe aye e-India eyoshawa umoya njengoba lolu daba seludonse isikhathi eside

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.