Uthisha Ulahlekelwe Uswidi Waxosha Bonke Abafundi
Umnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uphenya uthisha wase Mbekweni High School kuKomani, okuthiwa uxoshe abafundi ekilasini emuva kokulahlekelwa uswidi wakhe onothi. Lo thisha angase azithole esenkingeni ngalesi senzo sakhe njengoba evele wabakhomba indlela abafundi wathi abaphume bephele emagcekeni esikole.
Umnyango wezeMfundo kulesifundawe uzwe ngalokhu ngesikhathi abazali befika emagcekeni esikole bethukuthele begane unwabu, bemfuna la lothisha. Bebefuna uThishomkhulu wesikole abatshele ukuthi kwenzekeni futhi axoshe lothisha oxoshe izingane zabo esikoleni ngento engathi shu. Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape uMalibongwe Mtima ukuqinisekisile ukuthi senzekile lesigameko, kodwa abafundi sebebuyiselwe esikoleni. Uqhube wathi umnyango ngeke unabe kakhulu ngalolu daba njengoba wenza uphenyo lwangaphakathi kanti akumele luphazamiseke.
“Umnyango ufuna ukusebenza lolu daba udlule kulona, ingakho sithumele ithimba elizophenya ngalolu daba esikoleni”, kusho uMtima.
Uqhube wathi umnyango ufuna ukulusheshisa lolu daba ukuze kungaphazamiseki abafundi ekufundeni njengoba nabo beyingxenye yophenyo. Inhlangano evikela imfundo yabantwana iKhula Community Development Project (KCDP) naye isiphawulile ngalolu daba njengoba isiyalele umnyango ukuba uxoshe lothisha ngokushesha.
“Kumele axoshwe ngokushesha ngoba akakufanele ukusebenza nabantwana. Sizokhuluma nomnyango ngalolu daba. Uthishomkhulu njengomphathi wesikole kumele asichazele ukuthi kwenzekeni.
Sikholwa ukuthi kufanele athole ukwelulekwa ngokwengqondo lothisha ngoba isenzo sakhe siyakhomba ukuthi kukhona okusiqubulayo okumele kwelashwe”, kusho umqondisi we-KCDP u-Petros Majola.
Uthe kungenzeka ukuthi unezinkinga ezimxakile ekhaya angakwazi ukumelana nazo, manje akekho esimeni sokuthi angama phambi kwezingane.
Inhlangano emele abazali kuzwelonke i-National Association of School Governing Bodies (NASGB) nayo isihlabile isenzo salothisha sokuxosha abafundi ngesizathu sento eqondene naye, engahlangene nokufunda. “Isimanga lesi. Ubudedengu obuphindiwe ngoba phela okokuqala nje akanawo amandla okuxosha abafundi futhi nalokhu abaxoshele khona akukho ohlwini lwamacala athathwa njengalawo okungamiswa abafundi esikoleni ngawo. Yonke lento ayenzile isiphazamise isikole sonke manje akusafundeki. Esingakusho ukuthi uphazamile” kusho uSihlalo we NASGB e-Eastern Cape uMonga Peter.
Inyunyana yothisha angaphansi kwayo lothisha i-SADTU ayitholakalanga ukuze iphawule nayo ngalolu daba.