Kugezwe Igama Lomsakazi Embangweni Womaskandi
Ababukeli bohlelo oluboniswa ku-SABC 1 olubizwa ‘Ushuni KaMaskandi’ bezwe okokuqala ngeSonto umculi oyisilomo uMthandeni SK ehlangula umsakazi woKhozi FM, uKhathide ‘Tshatha’ Ngobe ezimpini zabo. Uthe lokhu ukuveza ngoba uyazi ukuthi abantu abaningi bazitshela ukuthi yena akezwani noNgobe ngoba bavame ukumbona noNgizwe Mchunu naye owayewumsakazi woKhozi FM.
“Ngiyazi ukuthi abantu bazitshela ukuthi ngibambisene noNgizwe ukulwa noTshatha”, kusho uMthandeni. Uthe bonke laba abacabanga ukuthi yena noTshatha abazwani banolwazi oluphambene.
Lokhu kukhuluma kusukela empini endala phakathi kukaMthandeni SK noKhuzani eseyize yangena kubalandeli babo. Abasalanga ngaphandle abasakazi boKhozi FM kuleyompi, uTshatha noNgizwe kusukela besasakaza ndawonye uhlelo lomculo kaMaskandi oluthi ‘Sigiya Ngengoma’. Abalaleli babenezikhalo ngabo labasakazi ukuthi ngokuhlukana baphusha izintandokazi zabo zabaculi.
Khona abebekholwa ukuthi uTshatha ungakuKhuzani bese kuthi uNgizwe abe ngakuMthandeni. Nabo labaculi banezingoma lapho beshiya abangalazi kulabasakazi ngokuhlukana.
“Kunabantu abebelwa nami bese bencoma uTshatha kuze kubukeke sengathi kunenkinga phakathi kwethu kanti ayikho nhlobo, senza imisebenzi engefani kodwa ehlobene. UTshatha uwumsakazi mina ngiwumculi. Umsakazi udlala umculo wabo bonke abaculi okuwumgomo wasemsakazweni”, kusho uMthandeni ohlelweni lwakhe olungena ngehora lesihlanu ntambama.
Eqhubeka uchaze ukuthi uke wahlela umdlalo webhola noTshatha owawuseMdletsheni, kwadlalwa kwaba mnandi nokuyinto abantu okufanele bebone ngayo ukuthi akukho ngxabano ekhona.
Echaza omunye wabasondelene noMthandeni uMasheshisa Mdletshe, uthe kule midlalo eyayiseMdletsheni uTshatha wahlatshiswa ngenkomo nokuzimpawu zokuthi akekho umuntu okhonyayo eMdletsheni kodwa kwamukelwa wonke umuntu.