Kuboshwe Izikhulu Zika Hulumeni Ezidle Imali Yomcimbi Wentsha
Uphiko lwamaphoyisa i-Directorate for Priority Crime Investigation lubambisene Serious Commercial Crime Investigation Team eNorthen Cape lubophe izikhulu ezintathu (3) zoMnyango wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko ezisolwa ngamacala okungawulandeli umthetho i-Public Finance Management Act (PFMA), ukukhwabanisa, nokushushumbisa imali
Amaphoyisa agasele emahhovisi alomnyango ngoLwesithathu ekuseni afasa ababili (2) ngamasongo kasigonyela kubuka ozakwabo. Omunye uneminyaka engamashumi amahlanu (50) bese omunye abe neminyaka engamashumi amahlanu nanhlanu (55).
Owesifazane ongumsolwa wesithathu kulelicala uneminyaka engamashumi ayisithupha nanye (61) uvele wazinikela yena emaphoyiseni njengoba sewathatha umhlalaphansi.
Kuthiwa laba baboshwe emuva kokuba umnyango ukhokhe imali ngendlela engaqondakali ngomsebenzi ongakaze wenziwe. Kusolwa ukuthi le mali kwakufanele ikhokhele umcimbi wabantu abasha owawubizwa ngo-Umsobomvu Youth Festival okuvela ukuthi wawungomhlaka 16 Zibandlela 2016 e-Colesberg.
Kamuva kwavela ukuthi lo mcimbi awukaze ube khona kodwa imali eyaphuma emnyangweni ngawo u-R1 million. Kunenkampani lemali eyangena ku-account yayo nayo engumsolwa kuleli cala. Abanikazi balenkampani bake baboshwa babuye badedelwa ngoba bunganele ubufakazi obubahlanganisa necala, nokho azophinde avuswe amacala abo.
Bonke laba bavelile kafushane enkantolo ukuzobingelela imantshi yaseKimberly ngalo uLwesithathu.