“Into Engikhipha Emculweni Kamaskandi Ububhoklolo”: Lwah Ndlunkulu
Yize ingoma ayenza no Mthandeni SK ethi ‘Paris’ yaba nkulu futhi yalala isibili kweziyishumi ezazihamba phambili kuhlukana unyaka kuKhozi FM kodwa uLwandile Mtshali odume ngelika Lwah Ndlunkulu uthi akayijabuleli ngenxa yabalandeli bakaMaskandi.
Uthe kumanje uyazisola ngokusebenza nalo mculi kaMaskandi ngoba usezithola esezimpini angazazi zabaculi abangezwani behlangene nabalandeli babo.
ULwah ubekhuluma nesiteshi sikaMaskandi, Inqubeko Music Channel lapho eveze khona uyazi ukuthi abalandeli bakaMaskandi bamfake shi empini ephakathi kukaMthandeni noKhuzani.
“Masingakhuluma iqiniso lengoma yenza kahle kakhulu, ingeyokuqala ukubukwa ngabantu abangu-9 million ku-Spotify nabangu -13 million ku YouTube. Kunokuthi ngijabule ngithola ukuthukwa abantu abakholwa ukuthi nami ngikulezimpi zabo engingazazi”, kusho yena.
Uqhubeke wathi abalandeli bomculo kaMaskandi baziphathisa okwamabhoklolo angadeli ukuklolodelana. “Ngobe ngonakele mangingaphinde ngenze ingoma kaMaskandi nomunye umculi, angizwani nomsindo mina. Abaculi bakaMaskandi bathanda ukuzenza amakhosi kunokukhulisa umculo wabo, manje nabalandeli balandela bona siqu kunomculo wabo”, kuchaza ULwah.
Kuzokhumbuleka ukuthi emuva kokulala isibili kuKhozi FM ngengoma ethi ‘Paris’ uMthandeni wenza isiphihli somcimbi kubo eMdletsheni. Kulo mcimbi wayememe abaculi abehlukene bakaMaskandi nezinye izinhlobo zomculi kodwa uLwah kazange abe khona njengoba kwakulindeleke ukuthi acule noMthandeni ingoma yabo.
Utshele intatheli ukuthi uyazi ukuthi abantu bathanda ukuthi kwenzakalani.
“Ngafonela uMthandeni isikhathi eside ngifuna ukuzwa ukuthi izinhlelo zimi kanjani kodwa wayengalubambi ucingo. Kunalokho lagcina lubanjwa omunye wabadansi bakho owangenalwazi ngalokhu engangifuna ukukubuza.
Mina ngiwumculi ongaphansi kweNkabi Records ngakho kunemigomo engisebenza ngaphansi kwayo. Njengoba sasingaxoxe lutho nje kwakungeke kube kuhle ukuyocula emcimbini waseMdletsheni”, kuphetha yena.