ABANTUIzindaba

Owanqoba Kuma-Idols Ukhala Ngabathi Kasena ‘twa’

Kumangaze abaningi ukubonakala kuka Thapelo Molomo owakhala wemuka nomklomelo we-Idols ngo-2022 esedlubhe umfaniswano wasezindaweni zokudla emikhunjini. Kwenze abaningi baqala ukusola ukuthi izinto azisahambi kahle emculweni kanti nemali kayisekho.

Ngaphambi kokungenela umncintiswano wama-Idols uMoloto wayengumeluleki wezengqondo esiteshini samaphoyisa eBrits eNorth West. Wabona ithuba lokuphumelelisa isifiso sakhe somculo walimukela ngezandla zombili, nebala wagcina ewunqobile lo mncinistiswano odlala ku Mzansi Magic.

Emuva kokunqoba kuma-Idols akabange esaba nogqozi lokwenza umsebenzi wasebuphoyiseni. Kuthe ngoMfumfu 2023 wathatha i-leave engakhokheli emaphoyiseni ngenhloso yokuqala impilo entsha emikhunjini lapho atetemuka khona nezivakashi ezihambe zizibukela izindawo. Nokuyikho osedale ukuthi kuthiwe kusenatwa.

Utshele abantu abebebhala ezinkundleni zokuxhumana ngempilo yakhe ukuthi akanalutho yena futhi konke kuhamba kahle.

“Angisulanga emaphoyiseni mina, ngiseyiphoyisa futhi elisebenza ngokugcwele njengomeluleki wezengqondo. Ngiphinde ngizisebenze eceleni, ngiphila njengawowonke umuntu”, kusho uMoloto.

Akuqali ukuthi lomculi azithole kufanele achazele umphakathi ukuthi kwenzakalani ngempilo yakhe.

Kuthe ngoMasingana 2023 edayisa amaqanda ne-atchar emgwaqeni zaqala izinkulumo, kwathiwa kasenalutho nemali ayinqoba kuma-Idols sewayishaya wayivala phu.

“Angisona isichaka mina. Ngizama nje ukuphila njengabantu bonke. Imali yami ngiyigcinile ukuze ngenze izinto zasekhaya. Ebengifuna ukukwenza ukungena ebhizinisini elizongigcina ngimatasa.” kuchaza uMoloto.

Uthe okokudayisa amaqanda ne-atchar wayenzela ukugqugquzela intsha namaciko ukuthi azisungulele wona amathuba emisebenzi kunokulindela ukusizwa.

“Ibhizinisi lisamile okwamanje kodwa ngithe angibe matasa ngokunye”, kusho yena.

Ukubuyela odabeni lwasemikhunjini uthe unokuhlushwa abantu bembhalela bethi akabaqashe ekubeni yena engahlangene nalokho.

“Mina ngisebenza emkhunjini njengomculi, ithuba leli engalibona ngesikhathi abakhona bengicela ukuthi ngibe ingxenye yabo ohlangothini lokujabulisa abantu ngomculo.

Ngizobuyela kahle emculweni mase kusondele iPhasika ngoba ziningi izindawo engiqashwe ukuthi ngidlale kuzona”, kuphetha uMoloto.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.