Usinde Ekufeni Wakhetha Inkosi U-DJ Black Coffee
Ukholwa ukuthi ingozi esanda kumehlela yokuphahlazeka nebhanoyi yayiyicebo lokumsondeza noJehova u-DJ waseNingizimu Afrika osezakhele igama nasemazweni angaphandle uNkosinathi Maphumulo odume ngelika Black Coffee.
UMKHAYA uke wabika ngengozi yokuphahlazeka kwebhanoyi uBlack Coffee ayephakathi kulo elibangise komunye wemicimbi ayeqashwe ukudlala kuyona e-Argentina ngoMasingana.
Engxoxweni abe nayo noThabo ‘T-bose’ Mokwele kuKaya 959 ohlelweni i ‘Best T in the City’ uBlack Coffee utshele abalaleli ukuthi wayebona ukuthi sekufike isikhathi sokufa ngesikhathi ibhanoyi ayehamba ngalo liqala lidlidliza kanzima emoyeni.
“Into eyaba nzima ngalesi gameko ukuthi asisheshanga, yonke into yenzeka ngibuka. Ngaba nesikhathi esiningi sokucabanga ngokufa, nokuyilapho engazithola khona sengithandaza. Ngesikhashana ngafikelwa imizwa emibili; ithemba lokuthi izodlula lento nokuthi masekufike isikhathi sokufa akusekho ukunqaba”, kusho loDJ oseke wanqoba iGrammy Award.

UBlack Coffee uthe lengozi imehlela nje wayesemzuliswaneni wakhe oba njalo ngoMasingana e-South America. “Ngase ngidlalile eBrazil sengiphikelele e-Argentina, sengiyodlala okokugcina nokuyilapho ibhanoyi elathi awusayi lapho”, kuyena yena.
Uqhube wathi akuqaphelayo ngesikhathi eligibela lelibhanoyi elaliyi-private jet ukuthi lalibukeka lilidala, kungathi alisagitshelwa muntu kanti indaba yalo ayizange imkhulule nhlobo.
“Kwathi selisukile ngafikelwa ubuthongo, ngase ngizidlalela ingoma yokholo ngalala kancane.
Ngaphaphamiswa ukunyakaza okungajwayelekile okwakwenzeka ebhanoyini. Ngabona bonke abantu ababekhona bezama ukubambelela nokuyilapho engabona khona sekushubile.
Kwakungathi kuginqika imoto. Ngalizwa lihlala phansi, nengoma ilokhu ishilo ezindlebeni ithi ‘haleluya, haleluya’. Ngendlela okwakuyiyo njengoba lase liphahlazeke phansi ibhanoyi kwaba sengathi bengiculelwa zingelosi njengoba kwakudlala ingoma yokholo”, kulandisa uBlack Coffee.
Mayechaza uthi wake wazama ukusukuma kodwa washayisa onqenqemeni oluphezulu lophahla waphinde wawa. Emuva kwalokho waze waphaphama esibhedlela e-Uruguay njengoba ibhanoyi lagcina seliyohlala eMontevideo Airport ngenxa yesimo esasenzeka.
“Ayikho into eyayiphila kulela bhanoyi kodwa lindiza khona kunjalo. Ngisho inkomishi engangiphuza ngayo amanzi yayibukeka indala kakhulu.
Sengiphaphama esibhedlela ngezwa kubuhlungu umgogodla ngemuva..empeleni nje umzimba wawubuhlungu wonke. Ngafakwa insimbi ngapha ngemuva ngoba kwakungathi ngiphukile. Ngase ngiyisogoga esinomzimba wensimbi nenyama”, kuchaza uBlack Coffee.
Wahlala isonto lonke e-Uruguay etholwa ukwelashwa. Nakho ukuthi wasinda kuleya ngozi uthi uyabona ukuthi kwakuyicebo likaNkulunkulu lokumsondeza eduze kwakhe.
Emasontweni edlule uBlack Coffee uke wabonakala lwelinye ibandla eGoli ezinikela kuNkulunkulu, nokuyilapho athole khona ithuba lokuxoxa ngengozi emehlele nokubonga kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi bebe naye emkhulekweni ngesikhathi esalulama.