Ezosaziwayo

UHhashi Elimhlophe Walobola Ngo R180 Ekhweni Lakhe

Unkosikazi kaBheki ‘Ihhashi Elimhlophe’ Ngcobo, u-Ebony Ngcobo utshele abalaleli bomsakazo Ukhozi FM ukuthi lomculi kaMaskandi odumile wafika kubazali bakhe ephethe u-R180 ethi uzolobola ngawo. Uma esho umkakhe wayethembise ukuthi uzovela kubo ngo R300 kodwa enye imali yasebenza endleleni.

Abazali bakankosikazi Ngcobo bathi bazosuka e KZN besondele eGoli esihlobeni ukuze afikele khona mayesezolobola.

“Abazali bami babelungile kakhulu. Bathi abangidayisi ngakho kuzomele benyuke beye komunye umuzi esasihlobene nawo eGoli ngoba benzela ukuthi owayezoba umyeni wami angangeni ezindlekweni”, kusho umama uNgcobo.

UmkaNgcobo ubekhuluma ohlelweni lukaZanele Mbokazi oluthi ‘Eshilo’ ngeSonto ekuseni.

Kule ngxoxo kuvele nokuthi uNgcobo useyikholwa njengoba akhetha uNkulunkulu wasindisiswa ebandleni i-Assemblies of God. Emuva kwalokho uNkulunkulu wabambulela umyalezo wokuvula ibandla owafika kunkosikazi wakhe bawuphendula njengoba sebenebandla elibizwa nge God’s Power Ministries lapho umama kuwuyena owenza umsebenzi wobufundisi.

Ngokusho kuka-Ebony into egcina uthando lwabo luvutha bhe ukuthi bayahloniphana futhi abaziphathisi okwabantu abagugile njengoba besabizana ngamagama okubizana ngawo intsha o ‘babe’, ‘love’ no ‘sweet’.

Kunemibungazo abayihlelayo yokubungaza iminyaka engamashumi amane nanhlanu (45) iHhashi Elimhlophe lisendimeni yomculo mhlaka 7 no 8 Ndasa eGoli.

UNgcobo nomkakhe u-Ebony banabantwana nabo abasemkhakheni wezikaqedisizungu okungamadodakazi uNtombi Ngcobo-Mzolo ongumethuli wezinhlelo emsakazweni nakumabonakude, uVusiwe Ngcobo naye owethula ezemidlalo ku ‘Morning Live’ ku-SABC News namadodana uJabu Ngcobo kanye noNathi Ngcobo naye osenowakhe umndeni.

Lomndeni wakwaNgcobo uke waba nohlelo kumabonakude obeluveza impilo yawo emphakathini obeludlala kuMzansi Magic lubizwa ngokuthi ‘Ofuze’.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.