Izindaba

Kusolwa Owayeyiphoyisa Etulweni Lokusoconga Abe Moja Love

Ngempelasonto kusabalale emibikweni eminingi yebezindaba ukuthi kunesamba semali esingu-R500 000 esikhishwe usomabhizinisi ohweba ngezidakamizwa ukuze kubulawe umethuli wohlelo i Sizok’thola uXolani Maphanga kanye nesikhulu sesiteshi iMoja Love u-Aubrey Tau. Laba bayinyathele emsileni ngokubuyisa uhlelo olunenhloso yokuqeda izidleke zezidakamizwa kanye nokusetshenziswa kwazo kulesiteshi.

Kuthiwa kunomagqozomane ongusomabhizinisi odabuka eRussia okunguye okhiphe lelitshe lemali. Okucasule losomabhizinisi ukuthi ithimba lohlelo iSizok’thola beluvakashele emzini wakhe ose Lanseria enyakatho yeGoli ngenhloso yokwenza isiqephu esizovezwa kumabonakude.

Nakuba lesi siqephu salolu hlelo singakaveli esiteshini kodwa umethuli walo usemehlo mane njengoba esevame ukulandelwa izimoto angaziqondi kahle. Okunye okuvelile ukuthi sekunolwazi olulethwe abaphenyi abazimele lokuthi kunesamba semali esikhishiwe ukuze asocongwe.

Kubikwa ukuthi ithimba le Sizok’thola liye emzini ose Lenseria emuva kokulunywa indlebe ngawo. Malifika kwaba nzima ukungena kuwo ngaphakathi njengoba lalivinjwe onogada. Kwaphela cishe amahora amabili kungangeneki, nokwathi ngokuhamba kwesikhathi selikwazile ukungena lathola umyalelo wokuba aliphume. Ngaphambi kokuthola lomyalelo owawuthi aliphume ngokushesha kulo muzi, lase lithole ukuthi kunendawo enkulu eyifemu yokwenza izidakamizwa kanye nemishini yokuzenza.

Leli thimba lalihamba namaphoyisa kanti umyalelo wokuthi aliphume wawuqhamuka ezikhulwini zamaphoyisa esifundazweni saseGauteng.

Abaphenyi abazimele abaqashwe isiteshi iMoja Love banolwazi lokuthi kunenkabi eke yaba iphoyisa isikhathi eside nenkabi esolwa ecaleni lokubulala omunye umagqozomane obedayisa izidakamizwa eGoli ngo-2021 okuyibo ababandakanyeka kuleli tulo lokusoconga uMaphanga noTau. Laba bobabili banike uR500 000 abazohlukaniselana wona.

Emuva kokuthola ulwazi lokusocongwa kwabo uTau uye wayovula icala eSandton Police Station ngenhloso yokuvikeleka nokuthola ubulungiswa. Okhulumela iMoja Love uNonzwakazi Cekete uthe isiteshi sabo sizoqhubeka nokwethula uhlelo iSizok’thola nakuba kunalezi nsolo. “Angeke sikuvumele ukusatshiswa, sizoqhubeka siveze obala abantu ababulala isizwe nekusasa labantu abasha ngezidakamizwa”, kusho uCekete.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.