ABANTUIzindaba

“Ukuzibulala Ngeke Kuyixazulule Inkinga Engikuyo Kepha Kuzoqeda Ngami”: Owazalwa Enobulili Obubili

Inzima impilo kuZanele Mathenjwa ozalwe kwaManzini Eswatini kodwa wakhulela eNingizimu Afrika ngenxa yenselelo ephathelene nobulili bakhe. UZanele ofunda ibanga lesishiyagalolunye (Grade11) eThubalethu High School eNdumo uthi izinkinga zakhe ziqale efunda emabangeni aphansi.

“Kuthe ngifunda ibanga lesihlanu (Grade 5) eHlehleni Primary School ngaqala ukugulwa ebengingakwazi ukuthi kubangelwa yini. Ekhaya bebengisa emitholampilo kungacaci ukuthi nginani. Kwaze kwaphoqa ukuthi ngenziwe ukuhlolwa ngaphakathi esiswini ngomshini”, kusho uZanele.

Uma echaza udaba lwakhe uthi eqala ukuzazi nokuhlakanipha ubeyintombazane futhi enesitho sabesifazane. Ubephila njengentombazane kodwa bekuhlupha uma kunemidlalo ebiyenziwa amantombazane abezithola engathandi ukuyenza kumxake lokho. “Bengithanda ukwenza izimoto zocingo ngidlale zona abantu behleke kudlule ngoba bengisemncane. Iqhina laphuma embizeni sekungixake kakhulu ukugula.

“Bangihlola odokotela bathola ukuthi kukhula amasende esiswini sami. Bangitshela nokuthi kuzoba nzima ukuthola abantwana ngoba anginaso isibeletho”, kuchaza uZanele.

Uthi akazi lendaba ifike kanjani kubantu ngoba uthe esefunda amabanga aphakeme wezwa kunezinkulumo ezingehli kahle ngaye wathola nokuthi abanye abazali abasafuni izingane zabo zidlale kanye naye. “Izinto ebezishiwo abantu ngami bezingilahlisa ithemba kakhulu ngempilo yami nesimo engikuso. Ngazitshela ukuthi ngeke ngibabuze ngoba angisiye umuntu wempi”, kusho uZanele.

Utshele intatheli ukuthi akamazi kahle uyise ngoba ukhule ehlala nonina. Bathathu kumama wakhe, yena ungowesithathu. Njengoba ubezazi ukuthi uyintombazane ubegqoka inyufomu yamantombazane esikoleni futhi bekuyinto engamthuni.

Ngokuhamba kwesikhathi yagqama kuyena imizwa yokuthi ungumuntu wesilisa ngoba ubezibona ethanda kakhulu izinto ezenziwa abesilisa. Uthi okwamsiza kakhulu ukuzamukela noma bekunzima. Mayesho uke wazama ukungena etshwaleni nakugwayi kodwa wabona ukuthi ngeke kumsize konke lokho kodwa kuzomdalela ukuhlupheka kakhulu njengoba kuzoba nzima ukuthola imali yokuphila leyompilo.

“Ngiyafisa ukuthi lento engehlele ibe isifundo nakwabanye abantu ukuthi bazi ukuthi zikhona izinkinga ezifikayo empilweni okufuna ukuthi uzamukele.

Okunzima ukuthi kwenzeka yonke lento nje ubaba akekho. Ngesikhathi ngisaxakwe ukugula bake bamfonela ubaba bemchazela ngokugula kwami, wathembisa ukusiza ngemali ukuze ngelapheke kodwa wahamba wangabheka emuva. Kumanje asimazi nokuthi ukuphi”, kusho uZanele.

UZanele ukhala kakhulu ngobunzima empilweni njengoba nasesikoleni engeyena umuntu okhaliphile. Into emsizayo ukuthi azitshele ukuthi akasoze ahlulwe ukuzama noma ngabe sekunjani. “Nginqoba ngokuthi ngiya ‘fosta’ nasesikoleni ngiyabahlupha othisha mangingezwanga ngoba nginenhloso yokuqeda isikole ngisize umama.

Kuyangifikela ukuphosa ithawula kodwa ngibuye ngithi ‘ngobani, abanye bazofunda kanjani mangifa’. Osekunzima ukuthi umama usengene etshwaleni”, kusho uZanele othe uyabona ukuthi umama wakhe naye unengcindezi ngenxa yalento ekubeni vele ekhaya kubo badla imbuya ngothi.

Uqhube wathi ngendlela okunzima ngayo usefisa nokusiyeka isikole athole umsebenzi ongamfakela imali ukuze akwazi nokulekelela ekhaya ngendlela okulusizi ngayo. Uthe njengoba esezizwa ewumuntu wesilisa manje usegqoka inyufomu yabafana futhi ayimthuni nayo kodwa unobulili ayevele enabo, akushintshe lutho.

“Ngibonga uNkulunkulu onginike isibindi sokumelana nalesisimo engibhekene naso. Cabanga ukuthi ngithi ngibhekene nenkinga yokungawuqondi umzimba wami kuphinde kube nzima ekhaya, kulanjiwe. Ngakolunye uhlangothi abantu bayangihleba ngento nami engingayiqondi isukaphi”, kusho uZanele.

UZanele ucela ukuba kuvele abantu abanesihe bamsize ngokwakhela unina indlu ekhaya kubo, aphinde alulekwe nesoka lakhe ngoba abasiqondi kahle lesimo akuso nokuthi yena uqobo athole umsebenzi angawenza umfakele imali.

Kuvele ukuthi izikhulu zoMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ziyalwazi udaba lukaZanele kodwa akukho ezisamsize ngakho. Isikhulu esifonelwe sithe into abayithola ukuthi lesi simo sijwayelekile kubantu yikho basiyeka kanjalo. Sithembise ukuthi sisazoxhumana nosonhlalakahle abazofika kuyena ekhaya benze uhlelo lokuhlola isimo sakhe nokuthi angasizwa kanjani.

Uma echaza uZanele uthe uke aze afikelwe ukungabaza ukuthi uNkulunkulu ukhona yize azi ukuthi ukhona. “Ngiyabonga ukuthi uNkulunkulu lesimo usibeke kimi ngoba mina ngiyakwazi ukumelana naso, hlampe ukube sikomunye umuntu ngabe kade wazibulala”, kuphetha uZanele.

[UZanele ubexoxa nesiteshi iMP TV. Abanesifiso sokumsiza bangaxhumana nabalesi siteshi kule nombolo ethi: 081 513 5606]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.