Kukhalwa Ngomhleli Wemicimbi Oyisela
Umnikazi wendawo yobumnandi eThekwini i-58 at Albany uTammy Williams usekhale kabi ngomhleli wemicimbi uNdisoh Mazibuko obesebenza endaweni yakhe. UNdisoh odume ngelika Tamatiso waxoshwa uTammy kulendawo emuva kwezinsolo zokweba kanti naye unenkampani yakhe ehlela imicimbi yobumnandi ebizwa ngeTamatiso Entertainment.
Okucasula kakhulu uTammy manje ukuthi usentshontshe umqondo wabo wokwenza i ‘Pride of Durban’ ezoba se-58 at Albany njengoba yena [uNdisoh] esehlele i ‘Pride on Davenport’ ezoba se-Isiqalo Lifestyle asematasa kuyo khona eThekwini.
“Akanangqondo lona yokusungula izinto zakhe, nalana e-58 ngamxoshela yona lento yakhe yokweba. Buka njemanje usentshontshe umqondo wethu wokwenza i-Pride.., usenza eyakhe manje e-Isiqalo Lifestyle nokuyinto engalungile nje futhi ekhomba ukuba isahluleki. Usaqhubeka nokuba isela engamxoshela khona” kusho uTammy.
Okuqaphelekile ukuthi ulwa ngempela uNdisoh njengoba yomibili lemicimbi izoba ngomhlaka 2 Ndasa 2024 kodwa onedumela ilona ongu ‘ngqo’ ose-58 at Albany njengoba uzohanjelwa u Chicken wodumo lwe ‘KwaNjomane’, Naledi Aphiwe, izinsizwa esezizakhele udumo ngezinkululo eziphetha ngokuthi ‘Engathi akuhamba kahle’, nabasakazi beGagasi FM u Mkay no Sphokuhle abenza uhlelo ‘Umsindo’ ngezimpelasonto.