Amaphoyisa Awayingenanga Eyodlwengulwe Umshayeli Wemoto Angamazi
Owesifazane waseNcotshane oPhongolo ube yisisulu sokudlwengulwa ngempelasonto edlule ngemuva kokuba umshayeli wemoto abeyigibele emjikela esemfuna ucansi. Lona wesilisa obeshayela lemoto uphumile emgwaqeni wayifaka emobeni imoto wayimisa wabe esedlwengula umgibeli wesifazane.
Kubikwa ukuthi kwenzeka lokhu nje lo wesifazane ubesuka endaweni yokucisha ukoma ngezithuba zehora lesishiyagalolunye (21:00) ebusuku. kwathi ngokubona ukuthi usedle kakhulu amanzi amponjwana wabe esenquma ukumisa izimoto eziya ngkubo. Ngenhlanhla yakhe kwaqhamuka lena yalo wesilisa ogcine emdlwengula endleleni.
Emuva kokudlwengulwa kuqhamuke enye imoto ebihamba owesilisa wakwaNtshangase eMadanyini obone lona wesifazane eqhamuka emobeni egijima wabe esemisa imoto ngenhloso yokuzwa ukuthi kwenzenjani. Ugibele emotweni lona wabe esechaza konke okwenzekile.
UNtshangase uthi lowesifazane ube esemlayela kubo wabe esecela ukuba amhambise khona. Nokho wala uNtshangase waphakamisa ukuthi kuhle aqale emaphoyiseni avule icala lokudlwengulwa nokuthola usizo lwezempilo.
“Ngibe sengimshiya esiteshini samaphoyiseni asoPhongolo ngahamba. Ngihambile ngayombheka ekhaya kubo njengoba wayengiyalele, ngambuza ukuthi kuhambe kanjani emaphoyiseni ngamangala ukuthi amaphoyisa athe akahambe ayekhaya kuze kuphele utshwala emzimbeni ngoba izinga lika tshwala beliphezulu. Ungitshele nokuthi baphinde bathi kunzima ukumsiza ngoba nemoto akayibonanga kanti nomuntu owenze lento akamazi.
[Udaba beludingidwa emsakazweni iMaputaland Community Radio ohlelweni Ezivuthayo Zomhlaba ngehora lesikhombisa kuya kwelesithupha]