Injabulo “Egcotshwa” Kwesobumengameli UNgizwe Mchunu
Owayengaconsi phansi kubalaleli boKhozi FM uNgizwe Mchunu uthokoziswe ukubizwa kwegama lakhe ngesikhathi ISilo uMisuzulu kaZwelithini siphakamisa amagama alaba abebemele Indlunkulu kaZulu, ibutho elisanda kubunjwa i’Silwanetshe’ kanye naye njengomengameli wamaBhinca. Lokhu kwenzeke ngesikhathi ISilo sethula inkulumo yokuvula indlu yesishayamthetho saKwaZulu-Natali ngoLwesibili e-Oval Cricket Stadium eMgungundlovu.
“Izizwe zonke azihlangane zazi ukuthi ukuba yibhinca kusho intenkulu ngoba namhlanje ngigcotshwe njengomengameli webutho elikhulu lamabhinca”, kusho uNgizwe.
UNgizwe usebenze kuKhozi FM kusukela ngo-2016 kwaze kwaba u-2019 ethula uhlelo lomculo kaMaskandi kanye nolomgxobanyawo phakathi kwamabili ngoLwesine. Kulolo hlelo ubenengosi ethi ‘Dlala ngenkotha’ lapho ubemema khona izihambeli eziyizazi zolimi kanye nesintu ukuba zizochaza izaga kanye nezinye izisho zesiZulu. Ezinye zezihambeli ake wazimema kulolu hlelo lwakhe ilowo obenguNdunankulu wesizwe samaZulu uMntwana Mangosuthu Buthelezi ongasekho.
Esekulo Ukhozi FM uke wahlabana ngemiklomelo eminingi yezindondo enozakwabo ayenza naye uhlelo lukaMaskandi ngezimpelasonto uKhathide ‘Tshathugodo’ oluthi ‘Sigiya Ngengoma’.
Uxoshiwe kuKhozi FM emuva kokuba ekhiphe ulwazi oluyimfihlo yangaphakathi emsakazweni nobekuwukuphula umthetho we-SABC. Emuva kokuxoshwa Ukhozi FM usungule owakhe umsakazo awuqambe wathi iNgizwe Mchunu FM ongachumanga nokho.
UNgizwe akukho lapho okuvela khona iminyaka yakhe nosuku azalwe ngalo kodwa uzalwe phakathi kuka-1985 no 1988 eNkandla. Amagama akhe aphelele uNgizwenkosi Mlando Brian Mchunu. Abazali bakhe basaphila bobabili, uyise ungusomabhizinisi odumile endaweni yangakubo. Ubeganwe amakhosikazi amathathu okusele eyodwa kuwona, lawa amanye asaphephuka. Unabantwana abayishumi nanhlanu (15) abaziwayo. Uke wafunda e-University of KwaZulu-Natal enza izifundo ze Communicatio egxile kwi Speech and Drama ne Computer Literacy
Isikhundla athi ugcotshwe kuso namuhla uNgizwe kudala esiconsela amathe njengoba waqala sakudlala ezibiza ngomengameli wamaBhinca. Izinto aye abonakale ezenza kulesikhundla sakhe ukuseka imicimbi yamabhinca ngokuyethamela, ukuwamela nokukhuluma kahle ngawo.