Ezosaziwayo

Owo Zalo Utshakadula E-Afrika

Intokazi yakwaMashu eThekwini KwaZulu-Natali uThabisile Zikhali, eke yahlabana ngemiklomelo ebingaphandle kwakuleli i-Shining Star Africa ne Scream Awards isiphinde yaqokwa ukungenela i-Africa Choice Awards ezoba seLagos eNigeria ngeSonto mhlaka 3 Ndasa. UThabisile udlala indawo yephoyisa eliwu-constable uBiyela kuZalo oludlala phakathi nesonto ku-SABC 1 makugamanxa ihora lesishiyagalombili (20:30) ebusuku.

Le ntokazi eneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye (29) iqokwe ngaphansi komunxa i-The Viewer’s Choice nabanye bakuleli oFaith Nketsi, Yaya Mavundla, nabanye. “Kuyangithokozisa ukuthola ukuhlonishwa ngaphandle kwakuleli, kuyangigqugquzela ukuthi ngenze kahle kakhulu”, kusho uThabisile.

“Nginayo inhlanhla yokuqokwa kuma-awards kodwa engingakusho ukuthi amaphesenti ayi-90 ngisuke ngiqokwa emazweni angaphandle kanti kuyangithokozisa ukuthi sengihlabane kakhulu kuma-awards angaphandle”, kusho yena.

UThabisle useke wabonakala ku Rockvillle ewu Sweety kanti ubuye abonakale kwi-The Queen yomibili lemidlalo edlala esiteshini esikhokhelwayo iMzansi Magic. Lomlingisi oseke wahlabana nge-Best Newcomer ku Scream Awards ngo-2021 wabuye wahlabana nge Best Female Actress ku Shining Star Africa ngo 2023.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.