Okusha Ngababoshwe Ngokufa Kuka-AKA Eswatini
Usigaxamande wamaphoyisa esifundazweni KwaZulu-Natali uLt-Gen. Nhlanhla Mkhwanazi usekuchithile ukuthi abesilisa ababoshwe Eswatini ngeSonto ibona abebefunwa ngecala lokubulala umculi we-hiphop u-AKA kanye nomngani wakhe owayengumpheki odumile uTebello “Tibz” Motsoane. Embikweni ophume ephepheni lwasEswatini i Times of Eswatini kuthiwe amaphoyisa akhona abambe abasolwa ababili abathinteka ecaleni lokubulawa kwesihlabani somculo we-hiphop kuleli endlini abebeqashe kuyona selokhu bafika kuleliya zwe.
ULt-Gen. utshele abezindaba ukuthi laba ababanjwe Eswatini izelamani zaseThekwini ezineminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili (28) noneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye (29) ngokuhlukana bebefunelwa amacala ahlukile.
“Ngifuna ukwazisa umphakathi ukuthi laba ababoshwe ezweni elingomakhelwane bethu Eswatini bebeboshelwe icala elingahlobene nokufa kuka Kiernan Jarryd no Tebello Motsane”, kusho uLt-Gen. Mkhwanazi.
UMkhwanazi uthe laba solwa bazolethwa eNingizimu Afrika ukuzobhekana necala lokubulala nokuzama ukubulala elenzeka eBerea eThekwini mhlaka 6 Ndasa 2023 lapho kwadutshulwa khona umgibeli owayephakathi emotweni. “Umshayeli wemoto wakwazi ukubaleka ngemoto waya esiteshini sikaphethiloli esikhona eBerea ukuze athole usizo. Uphenyo ngaleli cala lasiholela olwazini lokuthi laba bacashe Eswatini”, kusho Lt-Gen. Mkhwanazi.
Ugcizelele ukuthi noma nini uma kukhona umkhondo otholwa amaphoyisa ngaleli cala lika-AKA kuzoqale kutshelwe umndeni bese kwaziswa umphakathi. Utshele abezindaba ukuthi icala lika-AKA linezinto ezibucayi ezisacutshungulwa ngalo.
“Bakhona abantu esibapheka ngemibuzo, okuyothi uma sesiqedile ngalokho futhi sasonga konke okuthinta icala siyobe sesiwazisa umphakathi ukuthi sesikuphi ngophenyo lwethu”, kuphetha uLt-Gen. Mkhwanazi obenza isimemezelo ebesilungisa umbiko waphambilini obuthi sebebanjiwe abathinteka ecaleni lika-AKA.
UMKHAYA ubikile ngaloludaba obelusabalele kubo bonke abezindaba emuva kokuba luphume ephepheni laseSwatini i Times of Eswatini futhi kucashunwe okhulumela amaphoyisa akhona uNosipho Mnguni eluqinisekisa.