EZISEMATHENIIzindaba

Amaphoyisa Ase Swatini Abophe Abakuleli Abebefuneka Ngokubulawa Kuka-AKA

Batholwe endlini ebebeqashe kuyona abesilisa ababili abalamanayo abebelandelwa amaphoyisa aseNingizimu Afrika ngecala lokubulawa komculi we-hiphop u-AKA. Laba kuthiwa batholwe kulendlu ngoLwesihlanu emuva kokuba amaphoyisa aseSwatini encinzwe indlebe zingede zawo.

Ngokombiko we-Times of Eswatini abesilisa abathathu bangene kuleliya ngokungemthetho emuva kokusabalala kwezindaba zokushona kuka-AKA ngoNhlolanja 2023, owadutshulwa endaweni yokudla ku-Florida road eThekwini KwaZulu-Natali.

Laba bafike eSwatini baqasha indlu abebeyikhokhela njalo ngenyanga. Amaphoyisa athole ukuthi kunamanye futhi amacala abebefunelwa wona okubulala osomatekisi abathathu (3) kanti kuthe uma sekushubile base bebalekela kuleli zwe eliwumakhelwane ngenhloso yokuyo ‘pholisa izitofu’.

Umbiko wamaphoyisa akuleli uveza ukuthi labalisa abaneminyaka engamashumi amabili neshiyagalombili (28) nengamashumi amabili nesishiyagalolunye (29) ngokuhlukana bafunelwa uxhaxha lwamacala phakathi kwawo khona nawokushushumbisa abantu nokukhwabanisa imali. Omunye wesithathu usagcwele amathafa.

Kuthiwa umbiko wamaphoyisa uqhuba uthi laba bangongqondondo emsebenzini wezinkabi kangangokuthi uma kukhona odinga uku ‘susa’ isiphazamiso emsebenzini wamatekisi ubexhumana nabo bamsheshisile bese ebakhokhela imali.

Kuzothi maduze bavele enkantolo yaseSwatini engashiwongo ngecala lokuba khona bengenawo amaphepha abagunyazayo. Abomthetho eSwatini sebebhalele izwe laseNingizimu Afrika belazisa ukuthi babophe abasolwa ababili abathinteka ecaleni lokubawa kuka-AKA njengoba icala bese lidluliselwe nakwi-Interpol.

Okhulumela amaphoyisa aseSwatini uNosipho Mnguni ukuqinisekisile ukuboshwa kwabesilisa ababili abanobuzwe baseNingizimu Afrika. Uthe bathole ngamaphoyisa akuleli ukuthi laba bebevelwe befunelwa amacala okubulala kanti ngaphambi kokudluliselwa kuleli bazoqale bevele enkantolo kamantshi ESwatini ngecala lokuphula umthetho wokungena nokuphuma.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.