Izindaba

Uphunyulwe Ukungatholakali Kwe-video Ye Moja Love UXolani Khumalo

Bekugcwele kuchichima enkantolo kamantshi yase-Palm Ridge ngoLwesine lapho bekuvele khona obengumethuli wohlelo lweMoja Love i ‘Sizok’thola’ uXolani Khumalo. Umphakathi waseKatlehong ubuphume ngezinkani uzothamela icala lokubulala [elibhekene noKhumalo] okwenzeka ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lwakhe olwalulwa futhi luveza izidleke zezigebengu nabaphula umthetho.

Ufike enkantolo eswenke econsa ngehembe lakhe ebelinezimbali kanye nebhulukwe elimnyama kanti abaqaphi bakhe bebala ukhasha bengavumi lutho olusondela eduze kwakhe. Bekuphoqa ukuthi izintatheli nabafuna ukukhuluma naye beveze okubachazyo ukuze bekwazi ukukhuluma naye futhi bangene egunjini obekuqulwa kulo leli cala.

UKhumalo uzithola esenkingeni yokuboshwa nje ingoba ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lwakhe lwakhe ithimba lakhe lathola ukuthi u Robert Varrie ababenza uhlelo ngaye udayisa izidakamizwa. Emuva kwalokho bamphoqa ukuthi awakhiphe, base bemshaya kanzima waze waphelelwa umoya wagcina eshonile. Ubufakazi obuhlanganisa uKhumalo naleli cala bukwi-video yalesiteshi sikamabonakude nedingwa yi-National Prosecuting Aurthority (NPA) ukuze icala liqhubeke.

NgoLwesine kuphoqe ukuthi icala lihlehle ngenxa yokuthi iMoja Love ayikayidlulisi kwi-NPA le-video eyaqoshwa ngosuku okwenzeka ngalo lesigameko. Kubikwa ukuthi u-Varrie waseKatlehong empumalanga yeGoli washawa kanzima ngesikhathi kuqoshwa loluhlelo okwathi makubonakala ukuthi useshayeke kanzima ithimba le ‘Sizok’thola’ lamthatha layomshiya esibhedlela i-Thelle Mogoerane Provincial Hospital eVosloorus. Ngokuhamba kwesikhathi isibhedlela saveza ukuthi ngesikhathi exilongwa kwavela ukuthi kunesidakamizwa esisegazini esibizwa nge-CAT.

UKhumalo wanikela emaphoyiseni emuva kokuba kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa i-Katlehong North Police Station ngonyaka odlule.

Kuthe makuqala icala namuhla [ngoLwesine] isikhulu se-NPA u-Advocate Phello Vilakazi waxolisa ngokubambezeleka kwaleli cala, wase echazela abebengaphakathi enkantolo ukuthi bebesahlangene nesikhulu esiphezulu se-NPA, abameli bomsolwa, nabaphenyi mayelana lalo leli cala. “Ukubambezeleka kwaleli kubangelwa iMoja Love. Umbuso usifakile isicelo sokufuna le-video kuMoja Love kodwa inkinga bathatha isikhathi sabo njengoba namanje ingakafiki enkantolo. Umphenyi uke wabafonela sihlangene ngaphambi kwaleli cala baphendula bathi basendleleni kodwa kuze kube manje asakababoni.

Icala lingahlehla okwesikhashana. Lisahlehlile umphenyi wecala uzolandelela ukuthola i-video bese ecubungula ukuthi bakhona yini abanye abangathweswa amacala nokunye okuzovela”. kusho uVilakazi.

Imantshi uSingh ubuze uVilakazi ukuthi ngabe bayayincenga yini iMoja Love noma bayayiphoqa ngokomthetho ongaphansi kwe-Section 205 we-Criminal Procedure Act, owenza kube lula ukuthi umuntu womthetho athole okuzomsiza ecaleni.

“Awuceli ukusizwa kodwa uyaphoqa. Kumele kucace lokho. Kulungile ngizolihlehlisa kancane icala kodwa masibuya la kufanele ibe isikhona le-video, ungezi lana ngokuzayo uzothi usalinde iMoja Love. Uma usebenzisa i-Section 205 uzobuya nayo le-video”, kuphetha imantshi qede yaqongqotha itafula kathathu yaphuma yahamba.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com