ABANTU

Oseku Gagasi FM Wayeqongqotha Ama-desk Kuhlanye Izingane

Uveze ukuthi uthando lomculo ilona olwamfaka ugqozi lokuthi agcine esefisa ukuba u-DJ uKwanele Mkhize (29) odume ngelika DJ Harmonique. Uthi ngesikhathi esafunda amabanga aphansi e-Waterloo Primary School weyeke aqongqothe ama-desk kuchwaze bonke abafundi ekilasini ngendlela ayenza ngayo. Nokuyikho kanye okwamenza wabona ukuthi unalo ikhono lokujabulisa izihlwele nokuthi wayengakwazi ukukwenza lokho ngomculo. “Bekuthi uma engekho uthisha ekilasini ngiziqongqothele ama-desk ngibone abafundi bechazeka nokwangenza ngabona ukuthi ngiphiwe ukujabulisa abantu”, kusho uKwanele.

Okunye athe kwamfaka ugqozi lokuba u-DJ ukulalela umsakazo. “Ngakhula ngilalela kakhulu umsakazo lapho bengiye ngizwe khona ama-mix o-DJ abahlukene ngikuthande nami ukwenza njengabo”, kusho lo DJ othe uthanda kakhulu i-Afrotech ne Deep house kanti o-DJ abathandayo nabukela kubona u-DJ Euphonik wakuleli no DJ Rocco wase France.

Utshele UMKHAYA ukuthi ikhono lakhe ulishebe nemfundo njengoba enze izifundo zokuba u-DJ e Pond Of Watt (POW) eThekwini. Lezi zifundo ezimhlomise ngolwazi abeludinga kakhulu ngalomkhakha zimthathe izinyanga ezine (4). UKwanele usebonakale edlala ezindaweni eziningi ezihanjelwa abathandi bobumnandi eThekwini nakwezinye izindawo ezinjenge Havanna Music Cafe evalwe ekuqaleni kwalonyaka, News Cafe ne Back Yard okungamakilabhu aseMhlanga. Ezinye izindawo adlale kuzona iseHlathini Lifestyle nase-Ezingeni Lifestyle.

Akagcini nje ngokuwaklwebha emakilabhini nasezindaweni zobumnandi amapuleti kodwa uphinde adlale nasemisakazweni njengoba eke wadlala emisakazweni efana ne Nanda FM, Vibe FM, noKhozi FM. Njengamanje udlala kwi-Gagasi FM ohlelweni lukaSizwe Sibisi olubizwa nge ‘Weekends With Sizwe’ olungena ngehora leshumi (22:00) ebusuku luphele ngehora lokuqala (01:00) ekuseni njalo ngoLwesihlanu.

Ebuzwa uMKHAYA ukuthi selokhu aqala ukuba u-DJ kwake kwenzeka yini ukuthi athi mayedlala azizwe echazeka yena uqobo, nathe lokhu kwenzeka ese Back Yard eMhlanga ngendlela okwakugcwele ngayo kanti nendawo isezingeni.

Njengayo yonke imikhakha nawo lona wokuba u-DJ unezinselelo zakhona. UKwanele utshele UMKHAYA ukuthi inselelo enkulu lana ukuzithola uhleli ekhaya ngoba ungawutholi umsebenzi (bookings). Ube esegqugquzela abanye abasafuna ukungena kulomkhakha ukuthi kufanele bebe nothando kuqala lokuba o-DJ, bengenzi nje ngesizathu sokuthi wonke umuntu ufuna ukuba u-DJ. “Kubalulekile ukuthi umuntu ofuna u-DJ abe nolwazi ngalomkhakha kanye nezinselelo zakhona nokuthi kubhekwana kanjani nazo”, kusho uKwanele ogcizelele ukuzithemba nokuhlonipha umsebenzi kwabafuna ukuba o-DJ.

Uphethe ngokudalula ukuthi unesikhathi sonke sokujabulisa abantu njengoba engakathathwa nje kanti nakwi makethe yezothando usatholakala. Ezinkundleni zokuxhumana ukhona, ku Facebook utholakala ku: DjHamornique Kwanele in-Demand, Instargram: dj_harmonique, X: DjHarMonique.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.