EzosaziwayoIzindaba

Obeyintombi kaLorch Ubesebuyelene No Lasizwe

Kushaqeke abaningi ngoMsombuluko kuvela izindaba zokuphela kobudlelwane bothando phakathi komdlali osanda kusayina ku Mamelodi Sundowns uThembinkosi Lorch nomlingisi wemidlalo kamabonakude uNatasha Thahane.

Laba bamemezele ngalokhu emakhasini abo ezinkundla zokuxhumana.

Bahlukana nje kuthe emasontweni edlule uNatasha nesitabane esingunontandakubukwa uLasizwe Dambuza bamemezela ukuthi sebeyazwana emuva kokungahoshelani isikhathi eside.

Labo saziwayo osekunesikhathi eside bengebona abangani ezinkundleni zokuxhumana nasempilweni kusukela ngo-2021 babonakale bezintondolo emcimbini we Duma Collective obuseGoli.

ULasizwe ufake isithombe ne-video bendawonye no Natasha ekhasini lakhe le-Instagram nobekufakazela khona ukuthi amanzi asephinde ama la ake ama khona. “Ekugcineni thina sizothokoza ndawonye makukuthi into eyayidaliwe… Ngiyacabanga nje ukuthi lokhu bekuwuphawu”, kubhala uLasizwe.

Emuva kwalombhalo uNatasha kachithanga sikhathi waphendula wathi: “Ngiyakuthanda Lasizwe”.

Kuyinto ebiyaziwa ukuthi laba besebeyinkukhu nempaka isikhathi eside. Engxoxweni ayenayo ne MacG and Chill uNatasha wathi yamnenga indlela uLasizwe ‘adisha’ ngayo owayengumngani wakhe uNtando Duma emneka ezinkundleni zokuxhumana sengathi kamuntu ozwelayo.

Watshela i-MacG and Chill ukuthi ukuthi uncamela ukungaphawuli ngokwenzeka phakathi kwakhe noLasizwe. “Yena [uLasizwe] wakhuluma konke akuthandayo, kulungile mina ngangijabulela ukuzithulela”, kusho uNatasha.

“Into abantu okufanele beyifunde ngokwenzeka kimi noLasizwe ukuthi uma abantu bekhula ngokuhlukana empilweni akusiyo into embi. Engangikubuka mina ukuthi ngabe singabangani bokubukwa izwe noma singabangani beqiniso. ULasizwe sike sazwana naye kwaba kuhle, uma futhi sesiba nezinkinga kwakufanele sihambisane nalokho. Okubalulekile ukuba sihloniphane”, kuphetha uNatasha.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.