Ezosaziwayo

Kufezeka Iphupho Leminyaka Ku-Pearl Thusi

Usaziwayo ongumlingisi nomethuli wezinhlelo kumabonakude nasemsakazweni u-Pearl Thusi uzwakalise ukujabula ngokufezeka kwephupho lakhe leminyaka lokuba u-DJ. U-Pearl ubonakale eklwebha amapuleti emcimbini obungempelasonto obubizwa nge-The Makhelwane Festival eSoweto eGoli.

Ekhuluma ne Sunday Times u-Pearl uthe leli iphupho eselineminyaka eyishumi abelokhu ekhulekela ukuthi lifezeke. “Isikhathi sikaNkulunkulu siyafika uma nje uthemba. Ukuthi bakubona kanjani abantu lokho anginendaba, kumele befunde ukunaka indaba zabo. Ngikhulekela nje ukuthi lokhu okwenzeka kimi kugqugquzela nabanye ukuthi amaphupho abo ayofezeka noma kunini”, kusho u-Pearl.

Uthe into emthokozisa kakhulu ukuthi usephumile kulomcabango obuhleze umudla wokuthi mayenza into acabange ukuthi abantu bazothini. “Angisenendaba nezinkulumo zabantu. Ngiyathokoza nje ukuthi angisenalo uvalo lokuzikhathaza ngokuthi abantu bazothini ngoba uNkulunkulu kuphela ongangahlulela mina”, kusho yena u-Pearl.

U-Pearl uveze ukuthi wesekwa uDJ Zinhle, abanye abangani nomndeni wakhe kuleli gxathu aselithathile empilweni.

Uphinde watshela leli phephandaba elibika ngesingisi ukuthi uhlela ukusungula ibhizinisi lemfashini, ukuqopha ifilimi ezoqondiswa uyena nokuhlanganisa umculo ngesandla sakhe, ukhishwe udayiswe ezitolo. “Mangingakhuluma iqiniso ngiyazithokozela izinselelo engibhekene nazo, ziyangiqinisa. Angingabazi ukuthi ngizozithokozela izinyanga eziyisithupha ezizayo”, kuphetha yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.