EzosaziwayoIzindaba

Akumagqubu Kuyafiwa Ku-Emtee Ozokhipha I-Album

AKAKUFIHLANGA ukuthi uhlela ukuziphindiselela nge-album azoyikhipha maduze umculi we-hiphop uMthembeni Ndebu odume ngelika-Emtee. Useshilo ukuthi le album uzoyisebenzisela ukubuyisela okubi ngokubi kulaba abamonayo. Le album esihloko sithi ‘DIY 3’ sekuphele unyaka eyimemezela u-Emtee nokuvele ukuthi useze wayiphothula. Akukho ukungabaza ukuthi noma kanjani izobe isitholakala ezitolo zomculo maduze.

Uthumele umyalezo enkampanini abeqopha kuyona i-Ambitious Entertainment. “Banyile. Lento ithinta mina ngqo. Ngifuna ukuziphindiselela kubona bonke abangona, ngifuna kubuye konke okwangilahlekela. #DIY3 nabathakathi ngeke balunge”, usho kanje ekhasini lakhe le-Instargram.

Lo mculi akashongo ukuthi ukhuluma ngobani, kodwa kuyaziwa ukuthi uke waxabana nabaphathi benkampani abeqopha kuyona emuva kokuba eyisole ngokumxhaphaza.

Ekuqaleni konyaka u-Emtee uke wakudalula futhi ukuthi akazwene nomunye uzakwabo emculweni u-Flash Ikumkani ongowokuzalwa eQonce e-Eastern Cape. Waze waphendula kabi inkulumo eyayibhalwe uye u-Flash lapho ayememezela khona nge-album yakhe azoyikhipha naye ethi ‘IsibaneSelali’

U-Flash wabhala ku-Twitter wathi: “@Flash_Ikumkani ngilungiselela ukukhipha i-album enesihloko esithi #IsibaneSelali sengiqalile ukuqopha i-video yengoma yokuqala #QhaweLamaQhawe ft Maraza @Marazame”.

U-Emtee waphendula leyonkulumo wathi: “Ubani pho onendaba nalokho?”

Abalandeli baka-Flash bashiya abangalazi ku-Emtee njengoba wayengazange abize gama lamuntu kwi-post yakhe. Babexakeka ukuthi yini le eyakha inzondo engaka ku-Emtee ngoba akuzange kuphathwe negama lakhe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com