Izindaba

Owe Lotto Ubesiza Isikhulu Samaphoyisa Kudliwa Imali Yama-Project Omphakathi

UPHIKO lwamaphoyisa olwaziwa ngama-Hawks seluluphothulile uphenyo lwawo, lapho beliphenya khona inkohlakalo yokukhishwa kwezimali esikhwameni seNational Lotteries Commission (NLC) ibheke kuma-account abantu nezinhlangano zomphakathi ezihlukene. Phakathi kwabantu okuvele ukuthi bazuza kulesikhwama ilowo owayekhulumela wona ama-Hawks uMnuz. Hangwani Malaudzi.

UMalaudzi ubene-foundation abebambisene kuyo nomkakhe uRudzani Malaudi ebibizwa ngeHangwani Malaudzi Foundation.

Laba bobabili basebenzisa le-foundation ukufaka isicelo sokuxhaswa ngemali yi-NLC. Emaphepheni okufaka isicelo kulenhlangano ebhekene nokusebenza kwezimali ze-lotto babethi bazokwakha izinkundla zemidlalo, indawo yokushintshela kanye nepitsi yamanzi endaweni yaseMukondeni esifundeni saseVhembe eLimpopo.

Okuvela kulolu phenyo ukuthi uMalaudzi ubesebenzisa inkampani eyi-consultant okuyiyo ebiyenza umsebenzi wokugeza imali (money laundering), njengoba kunemali ebifakwa kuyona kube ngathi khona umsebenzi ewenzayo ibuye ibuyele emuva lapho ivela khona kungenziwanga lutho.

I-Hangwani Malaudzi Foundation yathola imali engu-R3 million ivela ku-NLC ukuze yenze zonke lezinto eazibaliwe ngesikhathi kufakwa isicelo. Kuphinde kwathi ngo -2020 i-foundation yathola u-R100 000 obuyi-grant ye-Covid 19.

Uphenyo lwama-Hawks luthole ukuthi uMalaudzi wathenga insobonsobo yemoto ngaleyo mali enye wakhokhela izingane imali yesikole. Kwathi imali engu-R2 million yakhokhelwa i-consultant engadalulwanga, yona okusolwa yathatha ingxenyana encane yemali kwathi esele yafakwa kwi-personal account kaMalaudzi.

Ngesikhathi ama-Hawks enza uphenyo avakashele indawo okwakuthiwe kuzokwakhiwa kuyo lezinto ezabalwa esicelweni se-foundation kwatholakala ukuthi akukho okuphelile. Inkundla okwakuthiwe izokwakhiwa iyidlelo lezinkomo, ama-pump amanzi neminye imishini emikhulu okwakuzosetshenzwa ngayo ukudonsa amanzi akekho owaziyo ukuthi ashonaphi. Izicabha namafasitela okwakufakwe ezindlini zangasese akusabonwa.

UMalaudzi ekhuluma nephephandaba laseLimpopo mayelana nokungapheli komsebenzi owawusekwe ngemali enkulu kangaka wathi imali ayithola kwi-NLC yayincane kakhulu.

“Lendawo isemakhaya. Ukwenza umsebenzi ongangalona endaweni enjengalena kuyabiza kakhulu. Kuyacaca ukuthi asikwazanga ukwenza kahle izibalo zethu. Manje sekuphoqa ukuthi singene emaphaketheni ethu, futhi singase sidinge imali engango R300 000 kuya ku R500 000 ukuqeda lomsebenzi”, kusho uMalaudzi.

Emuva kokusabalala kwemibiko ngalolu daba lokusebenza kwezimali ze-lotto ngendlela engaqondakali uMalaudzi wasula ngokushesha esikhundleni sokuba umkhulumeli wama-Hawks.

Okunye okwavela ophenyweni ukuthi kunemali eyaya egatsheni le-ANC kuyona leyandawo yaseMukondeni eVhembe.

Okushaqisayo ngalo mbiko wama-Hawks ukuthi kunesikhulu esiphezulu se-NLC okuyiso esasenza umsebenzi wokukhipha izimali ube lula. Umbiko uveza igama lika Marubini Ramatsekisi ongumkhaya kaMalaudzi njengoba naye engowaseMukondeni eVhembe njengomuntu owabamba elikhulu iqhaza ekutheni kudedelwe imali ye-NLC ukuya kuMalaudzi.

URamatsekisi wayeyi-Head of Risk, okuwumsebenzi wokubheka ukuthi konke okwenziwa kwa-NLC kulandelwa umthetho futhi ebhekene nokuvimba inkohlakalo. Usule emsebenzini ngoZibandlela 2023 emuva kokubekwa amacala enkohlakalo kanye nokungaziphathi kahle. I-Special Investigating Unit (SIU) yafaka isicelo sokuthi imali yakhe yempesheni engu R1.7 million angakwazi ukuyisebenzisa ukuze kusetshenziswe yona uma kunemali okufanele ayikhokhe.

Amadokodo anamacala alaba asedluliselwe ophikweni lwabashushisi i-National Prosecuting Authority (NPA) okuyiyo ezonquma ukuthi kuqhutshekwe yini namacala abo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.