Kube Nentokozo Nomunyu Egubha Usuku Lokuzalwa U-Nasty C
ISIHLABANI somculo we-hiphop uNasty C ubegubha iminyaka engamashumi amabili nesikhombisa abona ilanga mhlaka 11 Nhlolanja. Ugubha leminyaka nje usanda kuthola indodana ayiqamba igama wathi u-Olivier nokuyinto athe iyisibusiso esikhulu empilweni yakhe ngaphezu kokugubha usuku lokuzalwa.
Ebhala ekhasini lakhe le-Instagram lomrepha wodumo lwengoma ethi ‘Zulu Man With Some Powers’ uthe ngesikhathi ejabula ngosuku lwakhe lokuzalwa ufikelwe umunyu omkhulu njengoba umama wakhe owashona emuva kokuteta yena wazalwa mhlaka 10 Nhlolanja okuwusuku olungaphambi lokuzalwa kwakhe.
“Ngifuna ukubonga bonke abantu abangifisele usuku oluhle lokuzalwa. Abangifakele imiyalezo ngangayiphendula, abafonile ngangazibamba izingcingo ngithanda nazi ukuthi ngibe nelanga elihle.
“Sengineminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27), akukholakali sengathi bekuyizolo lapho bengigubha khona iminyaka engamashumi amabili nanye (21). Umuntu uyakhula”, kusho uNasty C.
“Kube usuku olunemizwa ehlukene kimina ngezizathu eziningi, kwabangazi kahle bayazi ukuthi ngikhuluma ngani. I-mixed tape yami i Price City Mixed Tape iqeda iminyaka eyisishiyagalombili (9) manje ngayenza, into enkulu leyo umuntu angayijabulela”, kusho yena.
Lo mculi osehlabane ngenqwaba yezindondo uqhubeke wathi usuku enze ngalo i-mixed tape eminyakeni eyisi-9 edlule luqondana nosuku okwafa ngalo umhlobo wakhe ayemkhonzile abenza naye umculo.
“Kuyinto ebuhlungu futhi eyenza ngizizwe ngezindlela ezihlukene ngoba ngashiwa umuntu engangibukela kuyena futhi konke engikwenzayo ngenzela ukubonga iqhaza lakhe empumelelweni yami, ngebhadi washona ngomhlaka 10 Nhlolanja ngonyaka odlule”, kubalisa uNasty C.
Uphethe ngokufisela umama wakhe ukuphumula okuhle kanye no-AKA athe uyohlezi eyiqhawe lakhe.