Usebuya E-Afrika Ngomdanso Ongajwayelekile Wokuphula Amathambo Omzimba U-Rubberman
SELOKHU waqala eneminyaka eyishumi nantathu (13) ukuba ingcweti ye-contortionist uJustin Phahlane wase Pieterskraal esifundazweni iMpumalanga, odume ngelika Rubberman. I-art of contortion wubuciko bokukwazi ukunyakazisa umzimba ngendlela emangazayo nengajwayelekile kube sengathi amathambo awekho.
“Ngiyayithanda lento engiyenzayo futhi ngizimisele kakhulu ngayo”, kusho uJustin.
UJustin useke wabonakala ezinhlelweni ezihlukene kumabonakude enza lezimanga zakhe. Eziteshini ezingaphansi kwe-SABC ubonakele ku-YOtv, TOMZ, Morning Live, SABC News, naku Ekhaya Jikelele eku SABC Plus.
Uke wabonakala nasohlelweni i-Frenzy show ku-eTV.
Lobuciko sebumbuyisa e-Afrika njengoba eke wayobukisa kwi-International Agricultural and Commercial show eyayise Zambia ngo-2018 kanye ne-International Sexpo event ngo-2015.
UJustin utshele UMKHAYA ukuthi leli thalente lakhe uphila ngalo njengoba evame ukuqashwa izinkampani ezinkulu futhi zimkhokhele kahle. Okunye akushilo ukuthi angathanda ukuqeqesha abanye ngalobu ciko. “Eminyakeni emihlanu ezayo ngifisa ukuba nesikole engizoqeqesha kuso abantu abasha ngobuciko obungajwayelekile be-contortion”, kuphetha uJustin.
Uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana:
Facebook: Justin SA Phahlane.
Instagram: Justinsa_phahlane2857.
Ungawulandela umsebenzi wakhe kuma-link ngezansi:
https://iono.fm/e/1400311
https://echocast.fabrik.fm/DVv3r7M1r3BRY4

Isithombe: uJustin Phahlane