Izindaba

Uhlangane Nezimbila Zithutha Owawaka Izaguga Izigidi Zempesheni

OWESILISA ongowokudabuka eTanzania uLucious Charles Saba owayeneminyaka engamashumi amathathu (30) ugwetshe iminyaka engamashumi amabili nanhlanu (25) yinkantolo yaseQonce eWilliams Town e-Eastern Cape ngamacala okuwaka abesifazane asebekhulile imali yabo yempesheni.

Kuthiwa lo mlisa kuthe ngo-2017 washela laba besifazane ababekhulile kakhulu kunaye njengoba omunye wayeneminyaka engamashumi ayisihlanu nesishiyagalombili (58) kuthi omunye abe nengamashumi amahlanu nesishiyagalolunye (59). Kuthiwa uSaba wakwazi ukudoba laba besifazane ukuba befake yonke imali yabo esikhwameni esikhulisa imali ayethi sesisize abaningi.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA) uLuxolo Tyali uthe: “USaba washela abesifazane ababili ababengazani bamqoma ngokuhlukana. Wase ebazisa ngesikhwama esikhulisa imali (investment trust) esesisize abaningi.

“Nebala balutheka laba baqonda emabhange abo omunye wakhipha i-R1.6 million omunye wakhipha i-R900 000 base beyifaka yonke kulesi khwama. Le mali yafakwa ku-account yenkampani i-YNM Investments, okuyinkampani eseThekwini eyayiphethwe umuntu owazana noSaba”, kusho uTyali.

Kubikwa ukuthi emuva kwesikhathi eside beyifakile imali laba futhi bebona kuthule bazama ukuxhumana noSaba kodwa wayengasatholakali nangokhalo. Bazama ukulubika emaphoyiseni lolu daba nokuyisikhathi abazana ngaso, kwacaca kubo ukuthi baqoliwe. Amaphoyisa alandela alusebenza udaba lwabo kodwa kwatholakala ukuthi inkampani i-YNM Investments ayisasebenzi futhi izimali zayo sezakhishwa zonke kuma-account ayo.

USaba utholakale kulo nyaka, eboshelwa elinye icala eThekwini ngokwemininingwane esemaphoyiseni kube sekuba nokuqondana kwezinto kwabe sekubizwa abesifazane ayebaqole imali yabo ukuba bezomkhomba kwi-parade, nebala bathi uye nezinqotho.

Ngesikhathi kuqhubeka leli cala kuthiwa uSaba wayeliphika leli lokuqola abesifazane imali esho khona ukuthi laba bamphanisa nomunye umuntu. Kabazi kwamadala ejuteni yena. Umshusisi uCyril Mahamba wethulela inkantolo ubufakazi obuhambisana nokwabo abesifazane abaqolwa uSaba inkantolo yabemukela yase imgweba.

UMahamba uthe isigwebo asinikwe inkantolo simfanele lona ngoba waphula imithetho yezwe ekubeni nakhona ehlezi ngokungemvume futhu akakhombisi ukuzisola ngezenzo zakhe. Okuyinkinga kakhulu ukuthi laba besifazane angeke isabuya imali yabo.

Uphiko oluqoqa impahla elingana nemali esuke idingeka i-Asset Forfeiture Unit olungaphansi kwe-NPA lwazama ukucinga ukuthi lungatholani ukubuyusa imali yalaba besifazane kodwa kwatholakala imoto yohlobo oludala i-Jaguar engabiza i-R200 000.

Kwesinye isigameko esifuze lesi owesifazane waqolwa i-R500 000 ngowesilisa wangaphandle kwakuleli [owazenza umuntu onamabhizinisi eNingizimu Afrika] owayehlangane naye ezinkundleni zokufuna uthando ku-internet.

Kuthiwa kulesigameko lona wesilisa wayenezinkinga ezixakile njengoba wachazela owesifazane ukuthi kushada umfowabo manje uyena okumele amsize njengoba bengasenabazali inkinga i-account yakhe esebhange lakuleli isavalwe isikhashana yibhange.

Wabalisela lona wesifazane ukuthi uzodinga enye imali engu-R154 000 ukuze akhokhele isibhedlela esizohlinza indodakazi yakhe bese edinga i-R220 000 ukuze akhokhele i-SARS isikweletu sawo bese kuvulwa i-account yakhe yasebhange.

Lona wesilisa watshela owesifazane ukuthi masekwazi ukukhokhela zonke lezinto uzoza kuleli njengoba kwakufanele azoqedela umsebenzi we-tender eyi-joint venter enkulu eseMossel Bay khona e-Eastern Cape.

Lona wesifazane ngesikhathi esechazela amaphoyisa uthi lokhu kwakhulisa ithemba kuyena ukuthi noma kanjani izobuya imali yakhe uma lona ewumuntu wama-tender amakhulu kangaka.

Okwenzeka ukuthi kwathi eseyifakile lemali owesifazane kwaba ukugcina kwakhe ukuxhumana no nalendoda eyayizibiza ngo Berlotini. Ophenyweni lwama-Hawks kwavela ukuthi leli gama intengekho kodwa lingelomuntu owusomabhizinisi osemthethweni owayethole i-tender khona eMossel Bay.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.