EZEMIDLALOIzindaba

Sibhekwe Ngabomvu Isinqumo Esinenhlese Yokucwasa Ubulili Buka Caster Semenya

KULINDELEKE ukuba siphume ngomhlaka 15 Nhlaba nonyaka isinqumo senkantolo i-European Court of Human Rights (ECHR) esithathwa abaningi njengesilulaza ubulili bomsabathi wakuleli owanqoba i-800 meter run ku World Atletes Championship eyayise Berlin ngo-2009, uCaster Semenya. Leli cala lingelinye angajwayelekile kwezemidlalo njengoba liphonsela inselelo indlela yemvelo umuntu adalwe ngayo.

Emuva kokunqoba lomjaho owawuse Berlin kwabe sekulandela ukukhuluma mayelana nesimo somzimba wakhe njengoba wayesolwa ngokuncintisana nabasubathi besifazane ekubeni yena umzimba wakhe udalwe njengowesilisa. Kube nokuqagulisana ngamagama okushubile umhlaba wonke phakathi kwezazi zezempilo, ezemidlalo kanye nezinhlangano ezilwela amalungelo abesifazane ngodaba luka Semenya. Obekususa umsindo ukuthi lomsubathi umzimba wakhe wakhiwe ngezithako eziningi ezitholakala kwabesilisa kuhlanganisa ne-testosterone ephezulu kakhulu. I-testosterone isithako somzimba esitholakala kwabesilisa esibasiza ukunyusa imizwa nokukhuthala.

Kuthe ngo-2022 inhlangano ephethe ezokusubatha e-Switzerland yamfakela icala ku-Court of Arbitration for Sports lokuthi anqindwe isimo sakhe somzimba ukuze akwazi ukuncintisana nabesifazane kwimiqhudelwane yomhlaba. Lenkantolo yakhipha isahlulelo sokuthi uSemenya akaqhubeke nokuqhudelana nabesifazane, ngale kwalokho yabeka amaphuzu okucwaswa kwakhe ngokobulili nokuyinto lenkantolo engahambisani nayo. Nokho lenkantolo yaveza ukuthi nayo ihambisana nomthetho owabekwa inhlangano yomhlaba ephethe ezokusubatha i-World Athletics Organisation eyayikade iyi-International Athletics Federation. Lo mthetho uthi abasubathi besifazane abanomzimba ofuze okaSemenya kufanele badle izithithibalisi ezizokwehlisa i-testosterone yabo ukuze bevunyelwe ukuncintisana nabanye besifazane. Lo mthetho uthinta nalaba abasuke bengabesilisa bese bezishintsha beba ngabesifazane (transgender).

Udaba lwe-testosterone selube isithiyo empilweni kaSemenya kusukela ngo-2019 engena kwimijaho yomhlaba. Isikhalo esigqanyiswa abaphikisana nokungenela kukaSemenya imincintiswano enabesifazane ukuthi yena ngenxa yomzimba wakhe owakheke njengowesilisa uba namathuba amaningi okunqoba yonke imijaho ayingenelayo.

Emuva kwalesinqumo sokuthi kuthiwe akathole okuzothithibalisa i-testosterone ukuze avunyelwe ukuncintasana nabesifazane ube eseludlulisa leli cala ngoba ekholwa ukuthi lunenhloso yokumcwasa ngokobulili. Emaphepheni afakwe uSemenya kulenkantolo uyaveza ukuthi ubungako be-testosterone yakhe kufanelwe kuthathwe njengento eyimvelo azalwe nayo njengawo wonke umuntu, kungasetshenziswa into naye angenamandla okuyiguqula ukuthi aphuthwe ithuba lokufeza amaphupho akhe.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba ebesiseGoli ngoLwesihlanu ngecala elizokwahlulelwa ngoNhlaba uSemenya unxuse abantu bakuleli ukuba bameseke ngakho konke. “Engingakusho ukuthi sekube isikhathi eside kuqhubeka leli cala. Lesi thangami esokuthi ngicele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bangeseke nawowonke umuntu ofisa ukusiza ukuze sinqobe leli cala asondele. Sesiphundlekile, ziningi izazi esisebenza nazo okumele sizikhokhele imali eshisiwe ngakho samukela lonke usizo”, kusho uSemenya.

Lomsubathi osenqobe imijaho i-400, 800, ne 1500 metre ngaphansi kwe-South African National Championship ushade ngo-2015 nomkakhe u-Violet Raseboya naye ongowesifazane.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.