Izindaba

I-Newzroom Afrika Ijoyinwa Izinkakha Zabasakazi

ISITESHI esisakaza izindaba i-Newzroom Afrika sesimemezele uhlu lwezinkakha zabethuli bezinhlelo zezindaba abazosijoyina emuva kokuba sesishiwe abasakazi baso abanohlonze. Lesi siteshi sigubha iminyaka emihlanu (5) kulonyaka njengoba sisungulwe ngesasasa ngoNhlaba 2019 emuva kokuba i-MultiChoice yaqeda isivumelwano eyayinaso ne-Afro Worldview eyayaziwa nge-ANN7. I-Afro Worldview kwakuyibhizinisi elaliphethwe osomabhizinisi bodumo ababedume ngele “Gupta Brothers”.

“Sisohlelweni lokufaka igazi elisha ezinhlelweni zethu, ukuzama ukutshala inkuthalo kwabasha nokugqugquzela abadala ukuthi belethe izinhlelo ezishisayo, ezifundisayo futhi kube nokuqikelela kuyo yonke into eya emoyeni”, kusho uThabile Ngwato oyisikhulu kulesiteshi. UNgwato oke waba oyinkakha naye ekwethuleni izindaba ungomunye wabanikazi benkampani ephethe lesiteshi njengoba eyiphethe nosomabhizinisi uThokozani Nkosi.

Kubikwa ukuthi lesiteshi sesishiwe inqwaba yabasakazi abahlonishwayo nabanohlonze ngenxa yokucikwa ukungenelela kakhulu kwezikhulu zaso ekutheni yini okumele ingene emoyeni nokumele ingangeni. Omunye wabasakazi oshiyile uCathy Mohlahlana, owathi mayevalelisa ngoLwezi wonyaka odlule wabonga ababukeli okuyibona abamesekile sonke isikhathi esebenza kulesi teshi. Ebonga kubabukeli bakhe esevalelisa ohlelweni emuva kancane nje kokubuya ekhefini lokuyoteta uMohlahlana wathi: “Ngabe angikho lapha engikhona ukube beningekho nina njengababukeli. Nenze okukhulu kakhulu kwebengikulindele. Ngiyabonga”.

Ngaphambi kukaMohlahlana kushiye u-Athi Mthongana ngoMfumfu ngawo unyaka odlule. UMthongana yena esevalelisa wamemezela ukuthi uzobonakala maduze kodwa uzobe esesebenza nelinye ithimba.

Umsakazi osanda kushiya i-Newzroom Afrika uThembekile Mtororo oqale ukusebenza kuyo ngo-2021. Naye njengabanye wabonga ababukeli. “Ngibonga kakhulu ozakwethu engisebenzisane kahle nabo kusukela ngifika. Ngibonge nakuwe mbukeli ngokubuka nemibono yakho”, kusho yena.

NgoLwesine i-Newzroom Afrika imemezele u-Aldrin Sampear no Naledi Moleo abazosakaza uhlelo lwasekuseni i-AM Report. Emva kwabo kuzolandela u-Iman Rappetti ozokwenza uhlelo obelethulwa uXoli Mngambi i-Midday Report, yena osekwenza uhlelo lwakusihlwa. “Lokhu kubalulekile kithi njengoba silungiselela ukusakaza izinhlelo zokhetho oluzoba khona eNingizimu Afrika maduze nokuyinto esizogxila kuyona kakhulu ngoba iyingxenye yokuqhakambisa intando yeningi ezweni”, kusho uNgwato.

“Indaba yethu ayibanga lula kodwa siyabona ukuthi unyaka ka-2024 uza kahle futhi uyathembisa ukuthi kuningi okujabulisayo okusazobonakala ku-Newzroom Afrika njengoba sigubha iminyaka emihlanu saba khona”, kuphetha uNgwato.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.